“SIBADUMAZILE abafundi baKwaZulu-Natal ohlelweni lokudla. Siphoxekile ngokwenziwe ngothole umsebenzi wokuphakela abafundi. Siyasilungisa isimo, uma kumele sithathe izinyathelo ezinqala, ngeke singabaze ukuzithatha.”
Lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uNkk Mbali Frazer, ozwakalise ukudumala ngokubambezeleka ekuhanjisweni kokudla kwezinye izikole.
Selokhu kuqale le nkinga ngeledlule, izinhlaka ezehlukene emphakathini okubalwa izinyunyana zothisha, amaqembu ezepolitiki, nezinye zikhwela ziyadilika emnyangweni ukuthi uhluleka ukulungisa isimo njengoba nokudla okufikayo ezikoleni kungenele, abanye bakhala ngokuthi konakele.
Ethula isabelomali somnyango uveze ukuthi uhlelo lokuphekela abafundi lwabelwe uR2 billion, emva kokuthola uchatha kaR120 million.
Lolu hlelo uthe luhlomulisa abafundi abevile ku-2.4 million, abadla isidlo sasekuseni nesasemini.
Utshele amalungu esiShayamthetho ukuthi benza konke okusemandleni ukulungisa isimo.
“Luqale ngebatha lolu hlelo kwezinye izindawo kwabambezeleka ukuhanjiswa kokudla. Siluqaphe ngelokhozi manje lolu hlelo ukuthi yonke into iyafinyelela ezikoleni. Abafundi bayakuthola ukudla, sibadumazile abafundi.”
Uthe inhloko yomnyango, uMnuz Nathi Ngcobo, izobheka ukuthi ayikho yini imigomo ephuliwe esivumelwaneni abanaso nophakayo, ukuze athathe izinyathelo ezifanele.
Amalungu amaqembu ahlukene agiye ngale nkinga yokungadli kwabafundi ephendula enkulumeni kaNkk Frazer.
I-EFF ithe kumele uNkk Frazer ehle esikhundleni ngoba uhluleke ukuqinisekisa ukuthi abafundi bayadla ezikoleni.
I-IFP ithe ziningi izikhalo ezitholayo ezikoleni okungadliwe kuzona yathi nokudla okufikayo akwanele futhi konakele.
Amanye amalungu ahlukene e-ANC, anxuse uNkk Frazer, ukuthi angacucuzi ukuthathela noma ngubani othintekayo izinyathelo.
Athe kumele kuphenywe bese ezothulela ikomiti lezemfundo esiShayamthetho umbiko ngokuthi kwenzekani nokuthi iziphi izinyathelo ezizothathwa.
I-DA ikhale esifanayo yathi lento kumele ngabe kade yasukunyelwa singaze isimo sibe kuleli qophelo.
UNkk Frazer uthe ngohlelo olusha lokuthengwa kokudla, kwakuhloswe ukuthi kuzothengwa impahla kwabayisabalalisayo, okubalwa nabalimi.
Uthe ngaphansi kwalolu hlelo sebeqeqeshe abaphekayo abangu-14 675, bathenga nezinsiza zokupheka.
Amanye amalungu akhale ngokuthi umuntu oyedwa wayithola kanjani ithenda yokuphakela inqwaba engaka yabafundi.
Le nkinga yokungafiki kokudla ifinyelele nakuNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga, othole umbiko izolo kuMqondisi jikelele uMnuz Mathanzima Mweli, ngezinkinga ezenze ukuthi abafundi bangadli kwezinye zezikole esifundazweni.
Okhulumela umnyango kazwelonke uMnuz Elijah Mhlanga, uthe uNkk Motshekga, uwutholile umbiko izolo kuMweli.
“UMweli ubeseKZN ukuze athole ukuthi kwenzekeni. Umbiko ubezowunika uNgqongqoshe.”