IHALALISELWA nxa zonke iNhloko yokuqala yamaJaji engeyesifazane kuleli, iJaji Mandisa Maya.
UJaji Maya uzothatha izintambo ngoSepthemba 1 nonyaka kuJaji Raymond Zondo obeka phansi amatomu ekupheleni kwenyanga ezayo njengoba esethatha umhlalaphansi.
UNgqongqoshe wezobuLungiswa uNkk Thembi Simelane, ukwamukele ukuqokwa kukaMaya ngumengameli Cyril Ramaphosa.
Uthe lokhu kuqokwa kwakhe kusho lukhulu ezweni.
“Sizoba nenhloko yamajaji engowesifazane ezweni okuyinto eveza ibanga eselihanjiwe kwezobulungiswa. Siyakwamukela ukuqokwa kwakhe nokumeleleka kwabesifazane emkhakheni wamajaji.”
Usihlalo weKomiti lezobuLungiswa ePhalamende, uMnuz Xola Nqola, uthe kuqopheke umlando ngokuqokwa kukaJaji Maya, ngamava anawo kulo mkhakha futhi aphinde abe ngowesifazane wokuqala.
Uthe bamfisela okuhle konke kulesi sikhundla esiphezulu kulo mkhakha.
I-ActionSA imhalalisele uMaya yathi isinyathelo esihle sokuqeda eyokuthi lo mkhakha uqhoqhobelwe abesilisa.
“Uyisibani esihle esizokhanyisa emkhakheni wezobulungiswa. Sikholwa ngukuthi izinqumo zezinkantolo zizothinta zonke izinhlangothi.”
I-ANC ikwamukele ukuqokwa kukaMaya, yathi uwusebenzele lo mkhakha.
“Unamava kulo mkhakha njengoba eke waphatha ezinkantolo ezehlukene kuleli. Siyazethemba ezobulungiswa zakuleli ukuthi zisezandleni eziphephile.”
I-EFF ithe iyamamukela uMaya njengoba yameseka nangesikhathi kunohlelo lokuhlolwa kwalabo ababefuna ukungena kulesi sikhundla.
Ithe babefuna kungene yena ngoba uZondo wayesalelwe iminyaka embalwa ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi.
Ne-Law Society of South Africa (LSSA), imamukele uMaya yathi lokhu kuqokwa kwakhe kuqophe umlando kuleli.
Ithe usebe yiPhini lenhloko yamajaji kusuka ngo-2022, kanti ubengumengameli weNkantolo yezokuDluliswa kwamaCala kuleli kusuka ngo-2017.
“Lokhu kuqokwa kwakhe kusho izinguquko emkhakheni wezobuLungiswa. Sinethemba ukuthi uzoma angagudluki ezintweni zomthetho.”
AmaKhomanisi akwamukele ukuqokwa kukaMaya, akhala ngezinto ezithinta ukucwasa kwezobulungiswa.
Le nhlangano ithe umthetho kumele usize wonke umuntu kungayi ngokuthi unemali.
I-DA ithe uMaya kumele aqinisekise ukuthi umthetho uyalandelwa.
Ibonge neqhaza likaZondo osebeka phansi amatomu yathi ngeke lilibaleke iqhaza lakhe ekubekeni phambili uMthethosisekelo wezwe.
NoZondo ufisele okuhle konke uMaya, wathi akangabazi ukuthi uzokwenza umsebenzi oncomekayo.