KUJUTSHWE isikhulu soMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ukuba siyohlalisa umhlangano ozolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi beMeya yaKwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango.
Lo mhlangano ozokuba ngoMsombuluko, uzophinde ulalele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaSomlomo walo masipala, uMntwana uBhekinkosi Zulu.UMnuz Madoda Khathide, oyiphni lomqondisi jikelele emnyangweni, nguyena ojutshwe ukuhlalisa umhlangano.
UKhathide ujutshwe ukuba ayohlalisa lo mhlangano emva kwezinsolo zokuthi uMntwana uBhekinkosi nemenenja yomasipala, uMnuz Mthandeni Zungu, bayenqaba ukuwuhlalisa.
Amakhansela eNFP, ANC nawe-EFF asanda kubhalela ungqongqoshe womnyango, uNkk Bongi Sithole-Moloi, emcela ukuba angenelele kulesi simo emva kokuthi uMntwana uBhekinkosi noZungu bechithe izicelo zokuthi kubizwe umhlangano ozobhunga ngalezi ziphakamiso.
Ubuholi be-IFP buhleli ngesinqa esisodwa kulo mkhandlu kulandela ukuphela kwesivumelwano sokusebenzisana komasipala baKwaZulu-Natal, ebesiphakathi kwe-IFP ne-EFF.
UMasipala waKwaNongoma unezihlalo ezingu-45. I-IFP inezihlalo ezingu-20, bese kuthi iNFP, ANC ne-EFF babe nezingu-24 uma behlangene.Umhlangano wangoMsombuluko uzoqala ulalele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMntwana uBhekinkosi.
Uma siphumelela, kuyokube sekukhethwa usomlomo omusha.Usomlomo omusha uyena oyokube eseqhubeka nomhlangano, alalele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMncwango.