UPHIKA ulala ngomhlane uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ukuthi wathola intshontsho lezigidi zamaRandi ngesikhathi esengungqongqoshe woMnyango wezokuVikela.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe akusilona iqiniso ukuthi wagwazelwa ngo-R2.3 million izinkampani ezathola amathenda ngesikhathi esengungqongqoshe womnyango.
Ukusho lokhu esitatimendeni lapho ebephendula khona umbiko oshicilelwe iphephandaba eliphuma ngeSonto.
Umbiko wephephandaba uthe uNkk Mapisa-Nqakula uphenywa ngezinsolo zokugwazisa.
UNkk Mapisa-Nqakula waqala ukuphenywa ngo-2021, emva kwesikhalo esafakwa umholi we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa.
Kepha uphenyo lwabuye lwavalwa ngenxa yokungabi bikho kobufakazi.
Imibiko yangempelasonto iveze ukuthi kunobufakazi obusha, obukhomba ngenjumbane uNkk Mapisa-Nqakula.
Kulobu bufakazi kuthiwa kunencwadi efungelwe yesikhulu senkampani eyathola ithenda emnyangweni.
Isikhulu senkampani kuthiwa sikusho singananazi ukuthi safumbathisa uNkk Mapisa-Nqakula izigidi zamaRandi.
Kepha uNkk Mapisa-Nqakula ukuphikile lokhu.
Esitatimendeni, ihhovisi likaNkk Mapisa-Nqakula lithe lezi zinsolo uziqabuke embikweni wephephandaba langempelasonto.
“Ngikholelwa ekutheni uphenyo lwezinsolo ezibucayi ngalolu hlobo kufanele luphathwe ngobuchule. Kuyakhathaza ukubona izinsolo ezibucayi ngalolu hlobo ziputshuzelwa abezindaba.”
UNkk Mapisa-Nqakula uthe uzobambisana nezinhlaka eziphenya izinsolo abekwa zona.
“Ngiyakugcizelela ukuthi ngimsulwa, futhi ngisazimisele ngokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla. Kuzo zonke izikhundla esengike ngaziphatha, ngiziphathe ngobuqotho.”
Kuvele sekukhona amaqembu afuna ukuthi uNkk Mapisa-Nqakula akhishwe esikhundleni.
UHolomisa uthe uNkk Mapisa-Nqakula akakulungele ukuphatha isikhundla.
Uthe kunobufakazi obubambekayo obuzogojela uNkk Mapisa-Nqakula.
“Ekuqaleni babungekho ubufakazi obuphathekayo. Kulokhu usomabhizinisi wenze incwadi efungelwe. Kuyakhombisa ukuthi usomabhizinisi uzimisele ngokubhekana noNkk Mapisa-Nqakula. Kufanele kuqale uhlelo lwasePhalamende lokuthi akhishwe esikhundleni.”
USotswebhu weDA ePhalamende, uNksz Siviwe Gwarube, uthe bafuna kuqalwe uphenyo ngokushesha.
“Sizofaka isikhalo ekomitini elibhekele ubuqotho bamalungu ePhalamende. Sifuna kuqale uphenyo ngokushesha. IPhalamende liyisikhungo esihlonishwayo. Kufanele sibuvikele ubuqotho bePhalamende, labo ababhekene namacala kufanele bathathelwe izinyathelo.”
UNkk Mapisa-Nqakula uyaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe owejwayelekile njengoba kuleli sonto ezohola amalungu ePhalamende azoya emcimbini wokugubha usuku lwabantu besifazane.
Umcimbi uzokuba seFrance, eParis.
I-ANC ibingakaphawuli ngodaba lukaNkk Mapisa-Nqakula.