ISIKHULU esiphezulu senkampani, iZomaster Family Construction, uMnuz Thobani Makhaza wethule ngokusemthethweni uhlelo lokulekelelwa kwemindeni entulayo.
Lolu hlelo ulwethe ngokuthi yi-Operation Siyababheka.
Uthe ukhethe ukulubiza kanjena ngoba bafuna ukuthi bababheke abavela emindenini ehlwempu.
Ukuchaze njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba kube khona okwenziwayo ngenhloso yokulekelela abantulayo.
Uthe kungaba yichilo ukuzitshwa kwemindeni entulayo.
"Iqiniso lithi uhulumeni uwodwa angeke uze ukwazi ukuthi ubhekelele bonke abantu. Yingakho nje sizimisele ngokuthi nathi kube khona esikwenzayo ukubalekelela," usho kanje.
Uveze ukuthi okwamanje lolu hlelo luzogxila esiFundazweni saKwaZulu Natal kuphela.
"Kuyothi uma sibona ukuthi luza kahle kakhulu siyobe sesithatha isinqumo sokuthi siluwezele nakwezinye izingxenye zezwe," echaza.
Mayelana nokuthi bazoyilekelela kanjani imindeni ehlwempu uthe bazobe beyithengela amagilosa okudla.
Uthe kunemindeni engu-15 asebeyihlonzile abazoqala ngayo.
"Le mindeni sizoyithengela amagilosa okudla. Umndeni ngamunye uzobe uthola igilosa ka-R700," usho kanje.
Uthe bakhethe imindeni iningi lawo elivela ezindaweni ezisemakhaya.
“Sonke siyalwazi usizi lwemindeni yabantu abasezindaweni zasemakhaya. Kodwa kukhona nabasemalokishini nabo esizobalekelela,’’echaza.
Uthe lolu hlelo bazoluqhuba izinyanga ezine emva kwalokho bazobheka ukuthi lusahamba kahle yini.
Uthe bazobe besebenzisa imali yenkampani yakhe.
Unxenxe nabanye osomabhizinisi ukuba basondele nabo bafake igxalaba ekulweni nobubha ezweni.