USOMABHIZINISI uMnuz David Manal ucacisa ngendawo yokudlela esanda kuvulwa esenxanxatheleni yezitolo iPearls of Umhlanga, eThekwini, ebizwa ngeZuma - nesidale ukuthi kube khona abacabanga ukuthi ngeyowayengumengameli wezwe uJacob Zuma.
UManal odabuka eSaudi Arabia nofudukele kuleli ngo-2000, uthe uZuma akahlanganise lutho neZuma - kunalokho wayemmemile nje ukuthi abe khona mhla ivulwa ngokusemthethweni.
UManal ubecacisa emuva kokuthi kusabalale izindaba zokuthi le ndawo ngekaZuma owabonakala ezithokozisa kuyo nowayengumeluleki wakhe wezimali uSchabir Shaik. Echaza ngegama lendawo uManal, uthe ngolimi isi-Arab ukuthi Zuma kusho ukuthula - ejobelela nangokuthi zikhona nezinye izindawo zokudlela ezibizwa ngeZuma koLondon, Miami naseNew York.
Uthe lokhu ukwenze ngenhloso yokukhangisa ibhizinisi lakhe njengoba liyindawo yokudlela ebhekela abantu abadumile.
“Zingaphezu kuka-11 izindawo zokudlela ezifana neZuma emhlabeni jikelele. IZuma yindawo yami engiyiphethe ngokwami,” kucacisa uManal.
Uthe bazizwa bethobeke kakhulu ngokuvakashelwa wuZuma nabangani bakhe mhla kuvulwa le ndawo eyisengezo kwelinye ibhizinisi abevele enalo iCafe La Plage nalo eliseMhlanga.