UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu, unxusa amaphoyisa ukuthi aqaphele uma eqhuba umsebenzi wawo. Lokhu kwenzeka ngemva kwesigameko okusolwa ukuthi iphoyisa lidubule ngephutha ozakwabo ngesikhathi kuphunywe inqina ukuyobopha obeshaya intombi ngeSonto ebusuku, eBhobhoyi, ePort Shepstone.
Esigamekweni esishiye abaningi bebambe ongezansi, kuthiwa amaphoyisa ayisishiyagalombili anikele endaweni yesigameko. Kuthiwa kuthe uma amathathu abehamba phambili ekhahlela isicabha engena ngaphakathi endlini, kusolakala ukuthi kukhona kuwo eliphonse ngaphakathi okusabhomu yesandla eyisisi esikhalisa unyembezi. Ngesikhathi kunokuqhuma kushunqa intuthu, kusolwa ukuthi iphoyisa lesifazane ebelingaphandle lidubule labhekisa ngalapho kungene khona ozakwabo, okuthiwa belisola ukuthi bayahlaselwa. Kulesi sigameko kushone iphoyisa elilodwa elingu-sergeant, kwathi elinye langeniswa esibhedlela lilimele.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba yihhovisi likaMchunu, uthe kubalulekile ukuthi amaphoyisa alandele imigudu yokusebenza.
Umbhalo ngokwesitatimende sehhovisi likaMchunu, uthi: “Kumele kuqinisekiswe ukuxhumana okucacile nezinga eliphezulu lokuphepha lamaphoyisa nomphakathi abawusebenzelayo. Sazisiwe wuphiko oluphenya amacala enziwa ngamaphoyisa i-Independent Investigative Directorate, ukuthi uphenyo ngalolu daba luyaqhubeka. Sinxusa lolu phiko ukuthi luqinise uphenyo ukuze kucaciswe ngalesi sigameko, nabathintekile bazi ngokwenzekile.”
Ungqongqoshe uthe uphenyo lwe-Ipid lubaluleke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi abathintekayo bayaphendula kanti luzoba yisifundo esibalulekile ukuvikela lo mshophi ukuthi ungenzeki ngesikhathi esilandelayo.
UMchunu udlulise amazwi enduduzo emndenini wephoyisa elidlule emhlabeni, wafisela elingeniswe esibhedlela ukwelulama okusheshayo.