USOMABHIZINISI waseKorinte, eMzimkhulu eningizimu yeKwaZulu Natal, uMnuz Bongani Gumede wethule uhlelo lokulekelelwa kwemindeni entulayo oluzobizwa ngokuthi yi-Operation Sinqanda indlala.
UGumede uphinde abe ngumelaphi wendabuko owaziyo kakhulu futhi unguMfundisi webandla laseZayoni uBizo Global Church.
Lolu hlelo ulwethule muva nje ngokubambisana nomkakhe, uNkk Londiwe Gumede (umaShozi) naye ongusomabhizinisi.
Inhloso enkulu yalolu hlelo uGumede uthe ukulekelela imindeni entulayo ikakhulukazi esezindaweni ezisemakhaya.
Udalule ukuthi okwamanje lolu hlelo luzobonakala lufinyelele eMzimkhulu, eXobho, eBulwer nakwezinye izingxenye zaKwaZulu Natal.
Echaza ngalokhu uthe : "Sikholwa ukuthi sibusisiwe isandla esiphayo kunesamukelayo. Yingakho ke nathi sithathe isinqumo sokuthi kube khona esikwenzayo ngenhloso yokulekelela imindeni entulayo.''
Uthe inhloso enkulu yalolu hlelo ukuqinisekisa ukuthi yonke imindeni ilala idlile.
Uveze ukuthi konke azobe ekwenza uzobe ekwenza ngemeli yenkampani yakhe iG Millionare.
“Akusikhona okokuqala senza lo msebenzi kwisikhathi esingaphambilini besikwenza. Namanje siyathembisa ukuthi sizoqhubeka nokukwenza lokhu,''usho kanjena.
Uveze ukuthi okwamanje imindeni abasayihlonzile abazoyilekelela nyanga zonke ngamagilosa okudla nangokunye ingu-25.
Uthe nabanye osomabhizinisi basebandleni nabo bazongenelela balekelele uma kunesidingo.
Ngaphambilini uGumede ubenohlelo lokulekelela abafundi ngamali yokuya emanyuvesi. Uke waba nanohlelo lokulelela amantombazane ayizintandane.
Uke waba ngumphathi weqembu lebhola likanobhutshuzwayo ebeligijima kwisigaba se-ABC Motsepe League iG Millionare Fc.
Waziwa nangenzinhlelo zakhe zokukhuthaza imfundo kubantu abasha abasemakhaya.