UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele wehluleka ancame ukwehlukanisa phakathi kwamagunya akhe kwezepolitiki kanjalo nakwezamaphoyisa.
Lokhu kushiwo wungoti kwezokuphepha, uMnuz Wilem Else ephepheni iThe Star kulandela ukufika kukaCele enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngendiza enophephela emhlane yombutho wamaphoyisa.
UCele ubeyothamela inkulumo yokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho ebiyethulwa uMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa.
U-Else uthe uCele selokhu athatha njengongqongqoshe, uyakhokhlwa ukuthi akaseyena uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke.
“Ubonakala ethatha zonke izinqumo futhi ehamba phambili uma kuza odabeni lokusebenza kwamaphoyisa,” kusho u-Else.
Uqhube wathi kufanele ngabe udedela uMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola nethimba lakhe benze umsebenzi wabo.
“Njengamanje usengungqongqoshe kodwa njalo uma kunezinto ezithinta ukusebenza kwamaphoyisa, kubonakala uCele emgudluzela eceleni uMasemola azenzele yena umsebenzi,” usho kanje.
I-DA esitatimendeni, izwakalisa ilaka layo ngalesi senzo sikaCele ithe ukufika kukaCele ngendiza enophephela emhlane kuwukuxhaphaza izinsizakusebenza zombutho.
“Ngaleso sizathu uCele kufanele akhokhe zonke izindleko ezixhashazwe ngesikhathi ehamba ngale ndiza,” kusho isitatimende.
Iqhube yathi ifuna kuphenywe ngokuthi ubani ogunyaze ukuthi uCele ahambele umcimbi ngendiza.
“Bonke abasayine ukuthi uCele ahambe ngayo kufanele baqondiswe ubugwegwe. Izinsizakusebenza zasemaphoyiseni nezomoya akufanele zisetshenziswe osopolitiki beya emicimbini yabo engahlangene nokulwa nobugebengu,” kuqhuba isitatimende.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe akusilo iqiniso ukuthi uCele usebenzise indiza ngokungemthetho njengoba ebelaphaya eyokwenza umsebenzi wakhe njengongqongqoshe.
“Ubeyokwenza umsebenzi wakhe egunyazwa uMthethosisekelo. Akukhona okokuqala etholakala enza lokhu emicimbini esuke inezethameli eziningi. Indiza njengoba ihlale yenza, ibiyiswe emcimbini iyoqapha abantu abaningi abebehlangene ndawonye,” kusho uMathe.