KUSOLWA unyawo lwemfene ngokungqongqiswa kwehhovisi lekhansela laku-ward 107, eNtuzuma ngoLwesibili.
Ngokusho kwekhansela le-ANC, uMnuz Njabulo Ntuli, kwenzeka lesi sigameko nje bekusanda kudedelwa ngebheyili osomabhizinisi bendawo, ngecala lokuphazamisa ukwakhiwa komgwaqo, uSinamumva.
UNtuli uthe nakuba bengakabi nalwazi lokuthi lishiswe ubani ihhovisi lakhe kodwa alivelanga lazishisa.
“Ayikho enye into ebiyinkinga ewadini ngaphandle kodaba lwalabo somabhizinisi,” kusho uNtuli.
Elandisa ngodaba lwabo, uthe kuqale uthuthuva ngo-Ephreli nonyaka ngesikhathi osomabhizinisi abathile bezwakalisa ukungenami ngendlela okukhethwe ngayo abenza umsebenzi wokulungisa umgwaqo owakhahlamezeka ngezikhukhula.
“Umsindo ugcine uholela ekutheni udaba lubikwe emaphoyiseni. Kwaboshwa abayisishiyagalombili ekuqaleni kukaMeyi abaficwa besaqhubeka nokuphazamisa uhlelo,” kusho uNtuli.
Uthe bahlale ezitokisini ngaphambi kokuthi badedelwe ngebheyili maphakathi noMeyi.
“Uma ngingaphazami, baphume ngoLwesihlanu njengoba sekwenzeka isigameko phakathi kwamabili ngoLwesibili,” usho kanje.
Uthe uzwile kancane ngezinsongo angazi ukuthi ziqhamukaphi ngoba zizungeze ezinkundleni zokuxhumana zithi bazophindiselelwa ababoshiwe.
Uthe ngaphakathi bekungenampahla kagesi kodwa bekukhona imiqingo ebalulekile yabantu be-ward.
Kuyona uthe bekukhona eyalabo abebedinga ukwakhelwa izindlu nalabo abadinga usizo eMnyangweni wokuThuthukiswa koMphakathi.
Okhulmela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokushisa, kulandela isigameko sokushiswa kwehhovisi lekhansela elingumahamba nendlwana. Uqhube wathi imbangela yesigameko ayikaziwa.