UKHONJWA ekubhaceni eWestern Cape, uMnuz Tumelo Madlala, owufakazi ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa. Imithombo emibili yeSolezwe ngeSonto, esondelene necala ithi uMadlala ungaphansi kohlelo lokuvikelwa wuMbuso ukuze aphephe futhi kade wathathwa.
UMeyiwa wadutshulwa, wabulawa ekubo kwentombi yakhe engumculi uKelly Khumalo ngo-2014, eVosloorus, eKurhuleni. Kumanje liyaqhubeka icala lokubulawa kwakhe lapho kushushiswa absolwa abahlanu eNkantolo eNkulu ePitoli. UMadlala owayengumngani kamufi, ungufakazi oqanda ikhanda ngoba ungowokuqala ukufakaza kulabo ababesendlini ngelanga okwadutshulwa ngalo uMeyiwa.
Umthombo wokuqala ohlebele iphephandaba ngokubhaciswa kukaMadlala, uthe usenesikhathi ahamba.
“Uhleli kamnandi le eKapa lowo muntu, awuyazi leyo ndaba? Bamhambise khona bayomcashisa ukuze avikeleke. Uyalethwa nje uma ezofakaza abuyele khona,’’ kusho umthombo olwazi kahle udaba. Leli phephandaba lidlulele komunye umthombo osondelene nodaba, waqinisekisa ukuthi uMadlala walandwa ngabathize ababevela kuhulumeni.
‘’Kwafika izimoto ezimbili ezingamaveni kubo, bamthatha bayomcashisa le eKapa, hawu usehlale khona isikhathi eside manje,’’ kuchaza umthombo.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Athlenda Mathe, ebuzwa ngalokhu ushone ezintangeni wangakuphika lokhu kodwa wathi abakwazi ukukuxoxa esidlangaleni.
“Izindaba ezithinta ofakazi zihambisana nezokuphepha, manje singamaphoyisa asikwazi ukuthi sivele siphawule ngakho noma kanjani,’’ kusho uCol Mathe ngamafuphi.
Okhulumela abezokuShushisa, iNPA eGauteng, uNksz Lumka Mahanjana ukuphikile lokhu wathi kodwa bakubeka phambili ukuphepha kofakazi.
Kuvela lezi ndaba nje, uMadlala ngesikhathi eqala ukufakaza enkantolo waxinwa abezindaba bemhubha engena enkantolo waze wayocasha egumbini thizeni ngaphakathi. Lanengeka kakhulu iJaji Tshifiwa Maumela, ngalesi senzo, lavalela abezindaba ngaphandle. UMbuso wakhala ngokuthi lokhu kumhlukumeze kakhulu ufakazi.
UTumelo Madlala ebuzwa ngalokhu unqabile ukuphawula.
"Angikhulumi namaphepha, ngatshelwa ukuthi ngingakhulumi nhlobo nani ngiyaxolisa kakhulu,“ kusho yena evala ucingo.