UPHITHENE amakhanda umndeni wakwaGumede eMalenda, KwaDukuza, kulandela ukushelwa yiyo yonke impahla endlini ngomlilo abathi abazi uqubulwa yini.
Ngokusho kwelungu lomndeni, uNksz Nokukhanya Luthuli, umlilo athi uhlasela umndeni kadadewabo, uNkk Dolly Gumede, uqale phakathi nenyanga edlule.
Uthe okuxakayo ukuthi yonke imizi udadewabo, umyeni nengane (12) abakhoseliswa kuyo, nayo ivele ishe.
Ubalise ngokuthi ngenxa yalesi simo, udadewabo nomyeni wakhe, abanawo namandla okuyixoxa le nsumansumane ababhekene nayo.
Echaza, uthe isimine imizi esishile okufaka phakathi okadadewabo lapho okwaqala khona umlilo, kube owakhe (uNksz Luthuli) nawo oseMalenda, nemibili eyalapho bezalwa khona KwaMaphumulo.
Udalule ukuthi umlilo wokuqala waqala ekameleni likaNkk Gumede nomyeni wakhe, uMnuz Vusumuzo Gumede. Uthe uGumede wayekhona ekhaya kuqala umlilo, uNkk Gumede yena esetohweni.
“Wonke umuntu uqale wazitshela ukuthi udalwe ukuphambana kwezintambo zikagesi njengoba kwakushajwe iselula ekameleni.
“Wacishwa kodwa ezinsukwini ezilandelayo, wedlulela kwamanye amakamelo, washisa yonke impahla,” kulandisa uNksz Luthuli.
Uthe igcine isha yonke indlu enamagumbi ayisihlanu, kwasha konke okuphakathi, wathi ngokubazwela uzamile ukubakhoselisa kodwa emva kwezinsuku ezintathu befikile kwakhe, wagasela umlilo.
“Nakwami kushe yonke into esendlini enamagumbi ayisihlanu,” kusho yena.
Uqhube wathi kuphinde kwanqunywa ukuthi baye KwaMaphumulo, lapho okudabuka khona umndeni wakwaLuthuli, nakhona kwenzeka esifanayo.
Umuzi wokugcina wesihlobo abaye kuwo, nawo okhona KwaMaphumulo , nakuwo kwenzeke esifanyo.
“Udadewethu nomyeni wakhe bagcina bekhetha ukubuyela emumva eMalenda, kuzo lezo zindlu, ezinye zazo ezingenalo uphahla namawindi ngenxa yokungqongqiswa umlilo.
“Ayikho inhlobo yosizo esingaludingi. Sidinga ukudla, izimpahla zokugqoka, nokunye okudingwa umuntu ukuze akwazi ukuphila,” usho kanje.
Uthe ikhansela lendawo, uNkk Nkintimen Mpaza, ilulethile usizo olufana negilosa, izipontshi nezingubo zokulala kodwa nakho kwaphinde kwasha konke.
“Nabebandla esikhonza kulo i-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA), nabo balethe ezinye izimpahla, nazo zasha,” usho kanje.
Uthe badidekile ukuthi kwenzekani nokuthi inkinga bayilungisa kanjani.
“Sifisa ukuqhubeka sithole usizo lwezimpahla ezahlukene ngoba isimo sibi, ayikho imali yokuthenga okunye,” kusho uNksz Luthuli.
Uveze ukuthi umlilo wakamumva wenzeke ngoLwesithathu (olwedlule), wathi bangajabulela noma yiluphi usizo abangaluthola.
Ikhansela uNkk Nkintimen Mpanza lithe: “Siluhambisile ngempela usizo, sazibonela isimo ukuthi sibi kangakanani. Siyafisa ukuthi basizakale.”
Uthe okuthusayo ukuthi umlilo uke washa phambi kwakhe naye ngesikhathi efikile ezoletha usizo.