USIZI luzwa olunye emindenini ehlukene yasoThongathi ekhahlanyezwe yimvula eshiye kukhalwa kule ndawo.
Uma ungena ezingxenyeni ezehlukene zakule ndawo ukhangwa yizihlahla eziwiswe umoya zivimbe imigwaqo, izindlu ezidilikile nezimoto ezipheshulwe umoya.
Abantu ubafica behlezi ngaphandle kwezindlu bengamaqoqo kubonakala nje ukuthi badidekile futhi basakhuluma ngalo mshophi obehlele.
Emndenini wakwaMngadi usizi lumi ngenhla njengoba kubhidlike umuzi wabo waphela maqede kwalimala izingane zamantombazane ezimbili ezingamawele.
UNkk Berlina Mngadi ubebalisa ngabazukulu bakhe ebebenonyaka nezinyanga eziyisithupha bezelwe. "Hheyi futhi Nkosi yami abazukulu bami bebancane kangaka,'' kubalisa yena.
Uveze ukuthi isiqandisi siwele phezu kwabazukulu belele. Elilodwa iwele lishonele khona lapho elinye laphuthunyiswa esibhedlela isimo sisibi kakhulu.
"Kwayena lo omunye ubesaphila kodwa bese ebanda. Kodwa konke sikuyekela kuNkulunkulu owazi konke,'' usho kanjena.
UMnuz Zakhele Chili uveze ukuthi nasemndenini wakhe usizi luzwa olunye njengoba kudilike umuzi wakhe kwase kulimala kabi indodana yakhe ayiphuthumise esibhedlela ilimele kabi ekhanda.
"Kubi ngibalisa ngosizi lokuwa komuzi wami. Kodwa nantu olunye usizi lokulimala kabi kwendodana yami,'' usho kanje.
UNkk Nkosingiphile Khanyile uthe kumnyama amehlo kuyena akazi nokuthi uzothathani ahlanganise nani uma izinto zimapeketwane ngalolu hlobo.
Uveze ukuthi imvula ibhidlize umuzi wakhe oyisitezi ayeewuthenge ngo-R730 000 ngo-2007.
Emndenini wakwaMthembu nakhona bakhala ezimathonsi njengoba bebalisa ngokuthi imvula iwubhidlize yawuqeda umuzi wabo ebebengakaqedi ukuwakha.
UNkk Noncedo Hlamaphi uthe ukudilika komuzi kubashiye bedidekile njengoba kube manzi nezincwadi zendodakazi efunda u-matric.
Ukhale ngokuthi ukonakala kwempahla yasendlini kunezele phezu kosizi lokudilika komuzi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube, uthe senyukile isibalo sabantu abadlule emhlabeni ngenxa yemvula kule ndawo.
Uthe abayisikhombisa abakhona oThongathi abanye abaseNquthu, eShowe naKwaHlabisa.
Uthe kunabantu abangu-55 abalimalile base bephuthunyiswa ezibhedlela wathi kukhona abazobalekelela ngakho labo abangazi ukuthi bazohlala kuphi ngemva kwemvula.
Le mvula kuvela ukuthi ikhahlameze lezi zifunda, iLembe, uMzinyathi, King Cetshwayo, Amajuba naseMkhanyakude.
Izinhlangano ezigxile ekulekeleleni umphakathi iRed Cross, Gift of the Givers nazo zimatasa ezindaweni ezikhahlamezekile.