NKOSIKHONA CELE
ZIYINSAKAVUKELA izigameko lapho okusolwa khona abesifazane ngokusoconga abayeni babo baze balahlwe nangamacala alokho.
Abanye balabo besifazane kuvela izizathu ezahlukene ezisuke ziwumnyombo wokuthi bagcine bekhetha ukusoconga abayeni.
Ngonyaka owedule iNkantolo eNkulu yaseThekwini yagweba udilikajele, uNkk Dias Bella Dosantos (44) owalahlwa yicala lokusoconga umyeni wakhe, uMnuz Mark Buttle.
Umufi kuthiwa wabulawelwa emzini wakhe oseNewlands East, eThekwini ngoFebhuwari 2018. Kulesi sigameko inkosikazi yagwaza umyeni amanxeba angu-53 ngemuva kwengxabano.
Muva nje ecaleni lokubulala elisematheni, uNkk Nongcebo Faith Ntombela usanda kugeqa amagula eNkantolo eNkulu yaseScottburgh mayelana netulo lokubulala umyeni wakhe owayesebenzela amaphoyisa oMkhandlu weTheku, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela.
Umufi wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza esigamekweni esenzeka ngoMeyi 3, ngonyaka owedlule.
Ngemuva kwalokho inkabi eyadubula uSipho Ntombela yageqa amagula eNkantolo eNkulu yaseThekwini yaveza ukuthi yayithunywe nguNkk Ntombela.
Wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela lo wesifazane ngetulo lokusoconga umyeni. Egonyuluka muva nje, waveza ukuthi walingwa yinkabi esejele uKhulani Cele eyazenza uMphathiswa, uMnuz Siboniso Duma.
Kwesinye isigameko uNkk Gugu Mchunu kuthiwa wasoconga umyeni, uMnuz Jabulani Mchunu (50) owayesebenzela uphiko lwezichishamlilo loMkhandlu weTheku olusePinetown.
UNkk Mchunu kuthiwa wahlela itulo lokusoconga umyeni wakhe ngoba wayesethandana nowesilisa omncane kunaye ngeminyaka, uMnuz Lindani Phungula (30) esikoleni ayefundisa kusona, iBruyns Primary.
Ngosuku asocongwa ngalo umufi, uNkk Mchunu kuvela ukuthi wazenza umuntu osemakhaya kubo eNquthu.
Kuthiwa emzini kamufi oseMariannhill kwagasela amadoda angabuza lutho aqhulula uyaba lwezinhlamvu waphelela khona lapho.
Kwavela ukuthi umufi uyena owakhokhela umkakhe imali yokuthi aqhube izifundo zobuthishela ekolishi.
Ilungu lomndeni elakhuluma neSolezwe ngaphambilini lezwakalisa ukudumala ngokuthi ilungu lomndeni kube yilona elibulala umyeni walo.
Kulo nyaka iNkantolo eNkulu yaseThekwini ilahle ngecala umhlengikazi uNompumelelo Concalves ngecala lokusoconga umyeni wakhe owayengunjiniyela kwaTransnet, uMnuz Nkosi Timmy Langa.
Lo mhlengikazi kuthiwa wahlela itulo waqasha izinkabi okuthiwa zathumba umufi emzini wakhe osePinetown ngobusuku bangoSepthemba 25, 2020.
Kuthiwa bamthatha bayombulalela ehlathini, oZwathini, eNdwedwe.
Udadewabo kamufi, uNksz Zodwa Langa wakhala ngonya athi lwakhonjiswa ngumakoti wakubo ekubeni babemethembile.
IJaji elalibambile, uonke Dumisa lakhala kakhulu ngesenzo salo wesifazane.
Ngo-2021 iSolezwe labika ngodaba lowesifazane waseXobho, uNkk Zandile Mawela okuthiwa wakhanda itulo lokusoconga umyeni wakhe owayengusomabhizinisi odumile, uMnuz Richards Mawela.
Umufi kuthiwa wadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu esendleleni ebheke KwaDukuza.
Ngokuhamba kwesikhathi umkakhe wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela, wavuma necala lokubulala nelokuhlela ukubulala.
Enkantolo wasola umufi njengembangela yokuthi agcine esemcabangela ukumbulala.
Lo wesifazane wathi wayesekhathele ukuhlala nendoda emhlukumezayo.
Ngonyaka odlule iNkantolo eNkulu ehlezi eLimpopo yagixabeza ngesigwebo sikadilakajele uNkk Florah Manaka (40) ngokwakha itulo lokubulala umyeni wakhe owayesebenza njengochwepheshe we-IT, ePolokwane, uMnuz Archie Manaka (43).
Isigameko kuthiwa senzeka ngo-Ephreli 8, 2020. Umufi wahlaselwa wabhokodwa ngommese izikhathi ezimbalwa esemzini wakhe oseMoletje, eGa-Makweya.
Ezigamekweni eziningi, ongoti abelapha ngokomphefumulo, bahlaba abesifazane ngokujwayela umkhuba wokuhlala emishadweni noma behlukunyezwa.
UDkt Cynthia Hafejee ufanisa ukucasuka kowesifazane ohlukunyezwayo njengebhalunde elilokhu lifuthwa ngomoya, linwebeka. Kuthi uma umoya usungene kulona waze waphelelwa yindawo, liqhume.
Kanjalo nowesifazane ohlale ecasuka egqumelana, ngelinye ilanga wenza umhlola wokubulala umyeni ngoba ibhalunde lisuke seligcwele. Uthe kwabanye ukuhlukunyezwa kubenza bafune injabulo kwamanye amadoda, babe namashende. Nakho lokho okudala izinkinga.
UNkk Zamandosi Cele wenhlangano yabesifazane iKhuluma Mbokodo, uhambe emazwini afanayo. Uthe abesifazane kumele bajwayele ukugonyuluka ngazo zonke izinkinga ababhekana nazo emindenini yabo.
“Akulona ihlazo ukuphuma emshadweni uma uzwa ukuthi kuyashisa. Ungesabi abantu abangazi lutho ngempilo yakho, uhlale uzwa ukuthi uyafa ngaphakathi,” usho kanje.
Uthe kungcono ukuchaza enkantolo yesehlukaniso ukuthi kungani uphuma emshadweni okunokuchaza enkantolo ukuthi umbulaleleni umyeni wakho.
Ugqugquzele nezinye izinhlangano ukuthi ziphume umkhankaso wokugqugquzela ukuthi abesifazane baphume ebudlelwaneni obungasabajabulisi. Uthe kumele kube nezigcawu eziba wuchungechunge ezingxenyeni zezwe ezahlukene lapho imbokodo ezothola khona ithuba lokuthi ibhodle futhi icebisane.