LUPHENDUKE usizi usuku lokwethulwa komqulu we-ANC wezethembiso zokhetho ngoMgqibelo, emndenini womfundi waseWelbedatch East eChatsworth, eThekwini, eminza olwandle.
USfundo Shezi (16) obefunda uGrade 10 eWelbedene Secondary, obehambele lo mcimbi obusenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida uminze olwandle, iBlue Lagoon ngesikhathi eyobhukuda nabangani.
Uyise uMnuz Lucas Baloyi ekhuluma neSolezwe ngeSonto esolwandle, uthe kube wumzuzu onzima ngoMgqibelo ntambama, ethola ucingo lumbizela olwandle.
“Ngitshelwe ukuthi uSfundo usemuke namanzi olwandle. Kuthiwa isigameko senzeke ngabo-11 ekuseni,” kusho uBaloyi.
Uthe uthole ukuthi isigameko senzeke uSfundo ehambe nabangani abalinganiselwa kwabayisikhombisa, acishe alingane nabo.
“Bathi basuke phakathi eMabhida, baya olwandle bayobhukuda ngoba bezwa ukushisa. Bathi ngesikhathi bebhukuda, kuqhamuke igagasi elinamandla labathatha,” kusho uBaloyi.
Uqhube wathi bamtshele ukuthi bona bakwazile ukubhukuda baphumela ngaphandle, kodwa yena wahluleka ngoba akakwazi ukubhukuda.
Uthe simphathe kabi isehlakalo kwazise bebephume ekhaya bejabulele ukuyothamela umcimbi.
Uveze ukuthi baphume bebathathu ekhaya, kuwuyena, uSfundo nonina omncane.
“Besizijabulele nje ekuseni ngabo-7 sithathwa amabhasi amathathu ngasekhaya. Mina nonina omncane singene kwelinye, kwathi uSfundo nabangani bakhe bangena kwelinye. Sigcinane lapho,” kusho uBaloyi.
Uthe abafisa kwenzeke ukuthi atholakale uSfundo.
Uveze ukuthi bazovuka njalo bezokanisa ngasolwandle njengoba kuqhubeka ukubhekwa kwakhe, kuze kube uyatholakala.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mcimbi eMabhida, kusabalale inqwaba yezithombe ezinkundleni zokuxhumana ezikhombisa abantu ebebedlubhe izikibha ze-ANC bengazi nanyaka, bezibhukudela olwandle.
Abantu bebenza ngazo ihlaya, bethi amalungu kaKhongolose avele aziyela olwandle esikhundleni sokuthamela inkulumo kamengameli wenhlangano uCyril Ramaphosa.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mafika Mndebele, uthe bebengakatshelwa ngesigameko, wathi bazolinda izinhlaka zabo zibabikele ngaphambi kokuba baphawule.
“Abanye abazali baye beze nazo izingane zabo, asize singabanqabela ukuthi beze uma bethatha leso sinqumo sokuza nezingane zabo,” kusho uMndebele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa idokodo lokufa komuntu esiteshini samaphoyisa iDurban Central.
“Lokhu kulandela ukuminza kwakhe, udaba lusaphenywa,” kusho uLt Col Gwala.