SIBALISA ngokusala dengwane kubulawa umzukulu, isaguga esinguninakhulu wowesifazane okuthiwa ushaywe yinhlamvu ebinhlanhlatha ngesikhathi kuqhunyiswa izibhamu enkonzweni yomngcwabo wowayeyisosha loMkhonto WeSizwe, obusenkundleni yezemidlalo eChesterville, ngeSonto.
Lesi sigameko esishiye abantu beshaqekile, kuthiwa senzeke kungcwatshwa uMnuz Story Shelembe owayeyisosha loMkhonto weSizwe, kanti ngesikhathi kuviliyelwa kuqhunyiswa izibhamu okukholakala ukuthi bekwenziwa ngenhloso yokuhlonipha umufi, kuphethe ngezinyemebezi emndenini wakaNdlovu. Kudubuleke ilungu lawo uNksz Thobile Goodness Ndlovu (24), okuthiwa ubezimele nabanye esangweni lenkundla yezemidlalo bebukela kuqhubeka umngcwabo.
Uninakhulu kaThobile, uNksz Constance Ndlovu (81) ekhuluma neSolezwe, uthe ufe olwembiza ngomzukulu wakhe abethembele kuyo njengoba ubezihlalela naye emlekelela njengoba esewumuntu ophila nezifo ezingamahlalakhona ngenxa yokukhula.
“Ubengekho ngisho ngaphakathi emngcwabeni ngokuzwa kwethu. Ubezimele esangweni nezinye izingane bebukela buqamama njengoba bekuviliyela amasosha, kanti kuzothi sekuqhunyiswa izibhamu, inhlamvu ivele ikhethe yena. Ngibuhlungu kakhulu ngoba bekuyona ngane ebengizihlalela nayo, abazali bayo abanginikeza yona ukuthi inginakekele njengoba sengikhulile futhi ngihlala ngokugula,” kubalisa yena.
Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi umufi ushiye ingane enezinyanga eziwu-18 abebehlala nayo osekuzophoqa ukuthi iyohlala noninakhulu.
Uthe inhlamvu ingene esweni kanti uphuthunyiswe emtholampio nokuyilapho ephelele khona.
“Bengingazi lutho ngizihlalele ekhaya. Ngibone kuma iveni yamaphoyisa egcekeni bangitshela ngalokhu esekwenzekile. Ngiyafisa ukuthola izimpendulo ukuthi ubani odubule umzukulu wami,” usho kanje.
UMnuz Zethembe Cele owayemgqugquzeli ophikweni lomakadebona boMkhonto WeSizwe, i-MK Military Veterans Association osefudukele kwi- MK Party, uthe wazisiwe ngesigameko esenzeke kuqhubeka inkonzo yomngcwabo kazakwabo.
“Odubulile akulona isosha ngiyasola umuntu nje. Amasosha aqeqeshiwe kakhulu ngokudubula futhi ayazi ukuthi uma udubula ungahlose kulimaza umuntu, isibhamu sibhekiswa emoyeni futhi kungaqondaniswa nendawo enesixuku sabantu,” kusho uCele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokubulala emva kokuthi owesifazane oneminyaka engu-24, kusolwa ukuthi udutshulwe inhlamvu ebinhlanhlatha ivela kumsolwa ongaziwe, obalekile emva kwesigameko.