AKEKHO umuntu othanda ukubona omunye ephalaza ikakhulu uma kuzoba wundendende lwamasonto nezinyanga kungangeni kudla, kube wukungena nje sekuyaphuma, kuphalazwa.
Baningi kakhulu abantu bakithi abahlushwa ukuphalaza okungamiyo isikhathi esiningi isuke ingaziwa imbangela, kuhlale njalo kucatshangelwa izilonda eziba sesiswini nasethunjini elincane, balashwe lezi zilonda abazibiza ngokuthi ngama ‘ulcer‘ kodwa lutho ubungcono, ukugula kuye phambili nokuphalaza kuqonge. Isikhathi esiningi unele angakufaka okudliwayo kubuye ngaso leso sikhathi noma kuthi ukulinda kwabanye.
Abaningi baze bathi kubuya ngisho amanzi obuwaphuzile.
Baningi abantu esengihlangane nabo bekhala ngalobu buhlungu nokuphalaza okungapheli. Ngiyafisa ukucacisa ukuthi abagulayo abafika kithina kusuke kungabantu asebehluleke ezindaweni ezahlukene, bephuma bengena, abaningi beza ngoba beyalelwe ngabanye, ingcosana kuba yileyo esuke izozizamela, izithathela ishansi mhlawumbe ngokufunda ephepheni.
Ukugula okunje ngiyakwehlukanisa ngale ndlela, uma umlando wakho uthi sekukudala uphuma ungena bekutshela bethi unalezi zilonda abazibiza ngokuthi ngama ‘ulcer’ kodwa ungasizakali, ngisuke sengazi vele ukuthi akuwona ngoba isifo esibangwa yilezi zilonda akupheli nosuku uma kuyizona futhi uphuze imishanguzo eqondene.
Isikhathi esiningi abantu basuke belashwa okungekhona yingakho uyaye uthole isifo sibhebhetheka siya phambili nokuphalaza kume ngenhla.
Ngiyaphinda ngithi isifo esibangwa yilezi zilonda akupheli nosuku ungabanga ngcono uma kuyisona. Okuyaye kwenzeke abantu ababe belokhu bephalaza, ukudla kungangeni basuke behlushwa usinyaka hhayi lesi sifolesisesithanda ukusibiza sithi ngama ‘ulcer‘.
Usinyaka yingxenye yomzimba eyisitho, elapha eduze kwesisu, isibindi namathumbu amancane ngokwakheka. Imisebenzi kasinyaka egqamile: ukulawula ushukela ongena egazini ngokuwuqoqa emuva kokukhiqiza ikhemikhali okuthiwa yi-insulin, uthathwe uyofakwa ngaphakathi ezinhlayiyaneni okuthiwa ngama ‘cells‘ ayizakhi zemizimba yethu.
Omunye umsebenzi ophambili wawo usinyaka wukukhiqiza izinhlobonhlobo zamakhemikhali anomsebenzi wokugaya ukudla ukuze kukwazi ukumuncwa kungene ngaphakathi ezingxenyeni zomzimba kuze kuyofika esibindini.
Ngiyafisa ukuphinde ngicele sibukisane ukuthi usinyaka ndini usuke usubangelwa yini ukuthi ugule.
Impendulo ithi, okuhamba phambili ekulimazeni usinyaka ngamakhemikhali aphehlwa yisibindi esixhoxha amafutha esithi ngolwini lwakhona yiFatty Liver Disease.
La makhemikhali akhishwa yilesi sibindi agijima ayoshisa usinyaka, bese eyavuvukala nawo aziphindisele ezama ukuzilwela. Kuba lapha sezibambene kungongaphansi nongaphezulu lapho othola khona sekulimala izindawana zokulawula ushukela, agcine umuntu sekuthiwa unesifo sikashukela.
Yingakho lapha ekhaya sikugcizelela ukuthi isifo sikashukela siyelapheka, ogulayo simelapha aphume aphele emaphilisini nasemijoveni yinqobo nje uma ezohlukana nembangela yala mafutha asesibindini okuwushukela nakho konke okunoshukela, okunofulawa namakhekhe, bonke ojuzi, konke ukudla okuphehliwe (processed), kanye nolamthuthu.
Hhawu bakithi saze safa isizwe sakithi sibulawa ukudla! Kimi lokhu yinhlamba empeleni kusho ukungazithandi ngokuphindiwe.
Yini engangenza ngiqome ukuvaleka amehlo, ukushaywa yi-stroke, ukunqanyulwa imilenze, ukunxashelwa yinduku ize inciphe, ukuphelelwa ukuhalela ucansi uma ungowesimame, abanye nabo kabavukelwa, abanye abasafiki kuvuthondaba, konke ngenxa yokuvuma silawulwe wukudla esikwaziyo ukuthi kuyingozi?
Ezinsukwini ezedlule bengilalise esibhedlela sethu insizwa kwaphinde kwaba nentokazi abese behambe baze behluleka wubuhlungu besisu nokuphalaza.
Ukudla bekungasangeni isikhathi eside. Kubo bobabili akuthathanga isikhathi esedlule osukwini ukuthi siqede ngalokhu kuphalaza, baqala badla ngokukhululeka.
Esikwenzayo ukwelapha imbangela okungumsusa wesifo. Namhlanje silalise insizwa yaseThekwini ebisigule ngobuhlungu besisu iminyaka, bese kungasasebenzeki nakuyena akuphelanga usuku salapha imbangela, zaphela izinhlungu.
Akukho okuyodlula ukwelapha umsuka wezifo, isikhathi esiningi okuyisibindi esigcwele amafutha ayingozi abulalayo. Abantu bakithi abafuni ukwelapha la mafutha, ngisho usubachazela kangakanani.
Ngeshwa bazohamba emhlabeni singeko isidingo ngenxa yamafutha asesibindini alokhu ephehla lezi zifo eziyisishiyagalombili esake sakhuluma ngazo kabanzi, sonke isikhathi uma ungawelaphile.
Emazweni abusayo, la mafutha ayimbangela enkulu yokuhlinzwa ufakelwe isibindi ebantwini futhi lokhu sekukhule ngesivinini esikhulu, empeleni sekuyiyona mbangela ehamba phambili yokuhlinzwa.
Lapha kwelakithi ngenxa yezimali abantu bakithi bayafa ngenxa yala mafutha, izindleko zokuhlinza zishaya zephuke. Esikwaziyo ukukulapha ngemishanguzo engena emadriphini izinsuku eziyisithupha kuphela.
Ekugcineni kukimi nawe ukuzithathela indlela eya phambili! Ungaqhubeka nokudla okuwushevu, ungaqhubeka wale ukwelashwa isibindi ngendlela efanele. Ohlaba eyakhe akaphikiswa!!
Mpilonde!!