USINDE ngokulambisa usomatekisi odutshulwe engcebeleke nosomabhizinisi esitolo sokudla eMalvern, eThekwini, namuhla ekuseni.
Kuthiwa ushayasibhamu uqhamuke wavulela ngenhlamvu kubalisa ababili ngaphambi kokuba abaleke ngezinyawo wayongena emotweni ebimlinde phesheya komgwaqo.
Abezimo eziphuthumayo bafike kule nxanxathela yezitolo bathola amadoda amabili esesimeni esibucayi, enamanxeba okudutshulwa.
“Abagilwa balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, utshele abezindaba ukuthi bathole umbiko ngamadoda amabili aneminyaka yobudala eko-50 no-65, ahlaselwe kule ndawo. Uthe ayalulama esibhedlela.
“Sithole ukuthi oyedwa wabagilwa ungusomatekisi kanti omunye usembonini yezokwakha. Sizwe ukuthi basesimeni esikahle esibhedlela. Imbangela yokuhlaselwa kwabo kayaziwa okwamanje,” kusho yena.