UMASIPALA uMngeni sewukhiphe isitatimende uqinisekisa abantu bakulo mkhandlu ukuthi behlise umoya ngoba iMeya yabo, uMnuz Christopher Pappas nabaqaphi bayo, abalimalanga njengoba behlaseliwe izolo.
Lesi sitatimendi siveza ukuthi uPappas uhlaselwe abantu esenkundleni iMpophomeni izolo, eyohlola isimo kwazise bekumele kube nemidlalo ebeyihlelwe ilo masipala namhlanje.
Kuzokhumbuleka ukuthi nohulumeni wesifundazwe bewunohlelo oluthize oluthinta i-Operation Sukuma Sakhe obelwenziwa uhulumeni, nalo obekumele libe kule nkundla ngosuku olulodwa nemidlalo ebeyihlelwe umasipala.
Isolezwe Ngempelasonto Online lithinte uMeya uPappas okuqinisekisile ukuthi imoto yakhe ihlaselwe yiqeqebane lamadoda. Uthe kulekelele umshayeli wakhe obathathe wababeka endaweni ephephile.
“Sisahamba lamadoda aqhubekile nokushaya imoto kuhlanganisa namawindi. Ngikhuluma nawe nje zikhona izibazi emotweni,” kuchaza uPappas.
Uphinde wakuqinisekisa ukuthi umcimbi kaNdunankulu uqhubekile yize bewungagunyaziwe kodwa bangene ngenkani endaweni kamasipala.
“Kuliqiniso ukuthi sibathathela izinyathelo zomthetho. Kodwa ngingakusho nje ukuthi uNdunankulu uyena ofake isivimbelo somcimbi wethu kuqala enkantolo. Sichithiwe ngoba kuthiwa asiphuthumi nokuthi nomcimbi bese uvele ukhanseliwe.
Lolu daba ngizolufaka esigungwini esiphezulu somkhandlu wona ubone ukuthi siyazithatha yini izinyathelo zomthetho ngokomkhandlu.
Uphethe ngokuthi lo mcimbi kaNdunankulu awubanga impumelelo kangako, bekugcwele izingane ezincane abanye abantu bethuthwe ngamabhasi besuswa kwezinye izindawo.
Uthe bekungesiyo inhloso yabo ukuthi lo mcimbi ungabi yimpumelelo. UPappas uthi uhulumeni wesifundazwe ucabanga ukuthi wona ungaphezu komthetho ufuna ukuba undlovu kayiphikiswa.
Isolezwe Ngempelasonto lizamile ukuxhumana noBongi Gwala okhulumela ihhovisi likaNdunankulu kodwa lagcina lingamtholanga.
Ligcine lithinta uMnuz Mafika Mndebele okhulumela i-ANC esifundazweni, othe uPappas uyisizukulwane sobandlululo. Lokho kubuye kuvuke kuyena, uhulumeni uye lapha ukuyohlola intuthuko, yena uthathe leyandawo wayenza isiqhingi sakhe. Simfuna eboshiwe ngoba uye lapha wagcina eshayisa abantu ngemoto.