USINDELE amaphoyisa owesifazane waseNtuzuma, uveva umphakathi ngezinsolo zokuthi uzibelethise usana wase elulaxaza eduzane nesitolo esiseNanda, lunosuku olulodwa luzelwe.
Usana lutholwe lusongwe ngengubo kanti kuthiwa lutholwe ngothile luphila. Manje luyelashwa esibhedlela iKing Edward VIII.
Umsolwa ona-38 kuthiwa uthathwe amaphoyisa kukubi umphakathi usho ukumqeda, ngosuku olulandela okutholwe ngalo usana.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa unamasu evile kwayisishiyagalolunye. Kuthiwa cishe ziyisikhombisa eziphilayo, ezintathu zokuqala wazitetela emtholampilo kanti ezinye kuthiwa wazitetela zona esekhaya bese engalubhadi emtholampilo.
Lezi ezinye kuthiwa azinawo ngisho amakhadi omgomo nezitifiketi zokuzalwa.
Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa, lilandisa Isolezwe ngokwenzekile, lithe emva kokusabalala ezinkundleni zokuxhumana kwesithombe sosana olutholwe ngasesitolo kwaMthamis eNanda, basolile njengoba kukhona abebehoshe ukuthi usekuphindile lokho kokuzitetisa kodwa ingane ayibonakali.
“Kubuzwe udadewabo ahlala naye ukuthi u..(emgagula), utetile pho iphi ingane? Uthe akazi lutho, kanti naye umsolwa ubephika ukuthi kukhona ingane ayibelethile. Amalungu omphakathi abethukuthele ngenxa yaleli hlazo abefuna ukumenza isilo sengubo kwasiza othile kuwo othinte ikhansela, elifike lakhuza ulaka ngaphambi kokubiza amaphoyisa afike amthatha ahamba naye,” usho kanje.
Uthe okuthukuthelisa umphakathi ukuthi akaqali ukunukeka kulo mkhuba njengoba phambilini kuke kwasoleka ukuthi uzithwele, okuthe sekubona noma wubani ukuthi uzobeletha, kwabonakala isisu singasekho kodwa ingane ingaziwa ukuthi ikuphi.
Elinye ilungu lomphakathi nalo elicele ukungavezwa, lithe ukubelethela kwakhe ekhaya ezitetisa naphambilini kube nomthelela omubi ngoba enye yezingane zakhe yagcina ishona esaba ukuyiyisa emtholampilo.
“Kunengane yakhe eshone inezinyanga ezimbili izelwe ebigula kodwa engayihambisi emtholampilo njengoba yayingenalo ngisho ikhadi lomgomo. Wayihambisa emtholampilo isishonile okwaba yinto ebuhlungu. Nakuba enze into ebuhlungu neyihlazo yokulahla ingane kodwa okunye okubi ukuthi noma engasebenzi kodwa uyaziphantela izingane zakhe, uma eboshwa zizodlani ngoba phela azitholi nesibonelelo? Enye obekumele iyoqala uGrade R, kudingeke ukuthi kuze kungenele omunye umakhelwane wayincengela esikoleni ukuze ifunde,” usho kanje.
Uthe kuyashaqisa ukuthi ingane ubeyigcinelani aze ayizale uma engayifuni.
Uveze ukuthi zonke izingane zakhe uyaziteta, awe evuka nazo ngakho kubamangazile ukuthi kungani le yokugcina enqume ukuyilahla.
Kuthiwa umphakathi uhlukene kabili abanye bebethi akadingiswe endaweni, abanye bethi akatholelwe usizo.
UMnuz Fisokuhle Mngadi oyikhansela, uthe emva kokuboshwa komsolwa, amaphoyisa abatshele ukuthi uzovela namhlanje enkantolo, wathi amalungu omphakathi azobe ekhona enkantolo
“Yize ubephika ukuthi utetile nabakubo bemvuna ngenxa yokuthi nabo wayebafihlele ukuthi uzithwele, amaphoyisa amthathile amyisa esibhedlela ukuyohlolwa, kwatholakala ukuthi nebala yiqiniso. Emva kwalokho uvumile, waveza ukuthi ubengamazi uyise wengane, okushaqise nabakubo abebemphikela, ukuthi ubekhulelwe,” usho kanje.
UMnuz Mhlaba Memela okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uthe nakuba umsolwa kumele ajeze kodwa ukuboshwa ngeke kumlekelele njengoba kubonakala ukuthi kukhona lapho edinga ukulekelelwa khona.
“Siwumnyango sihlale sikugqugquzela ukuthi abantu abasebenzise izinhlelo ezikhona zomnyango futhi lukhona uhlelo lokugcinwa kwezingane lwasemnyangweni. Kulandelwa imigudu uma umzali kunesimo esimphoqa ukuthi angakwazi ukuhlala nazo. Osonhlalakahle bethu bazolubheka udaba lwezingane njengoba kuthiwa azinazo izitifiketi ukuze zisizakale, kodwa nonina lukhona uhlelo lokumlekelela kule nkinga abhekene nayo,” kusho uMemela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, akaphendulanga imibuzo abethunyelwe yona.