UPHUME ngembobo yenatili evinjezelwe ngenganono obeyimeya kaMasipala waseMsinga, uMnuz Mletheni Ndlovu obaleke washiya imoto, basala bayingqongqisa ngomlilo abebemhlasela.
weSolezwe ngeSonto uthi uNdlovu ubehamba nabaqaphi bakhe ngesikhathi kuqhuma inganono ngoLwesihlanu ebusuku.
Kuthiwa bebehamba endaweni ebizwa ngokuthi kuseMkhuphula ngesikhathi beqaphela amadoda amathathu emile emgwaqweni, umshayeli uzame ukuwavika ngemoto, saqhuma isibhamu.
UNdlovu uxoshwe kwesobumeya ngonyaka odlule emuva kokuthi eboshelwe amacala aphathelene nesibhamu. Ngaphambi kwalokho ubengene ehlazweni esolwa ngokubulala ikhansela, uMnuz Siyanda Magubane owadutshulwa.
Umthombo uthi uNdlovu ngesikhathi ehlaselwa uphume waphulukundlela wabaleka nabaqaphi, bashiya imoto engqongqiswe ngomlilo ngabahlaseli bakhe. UNdlovu uzanywe kaningi kuzo zonke izingcingo zakhe zingangeni nhlobo. Akuqondakali ukuthi uNdlovu uhlaselwa maqondana nani kodwa udaba kuthiwa lusetshenzwa ngamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okuzama ukubulala nelilodwa lokucekela phansi impahla.
“Amaphoyisa aseMsinga aphenya amacala okuzama ukubulala nelokucekela phansi impahla, emuva kokuthi indoda eneminyaka engu-50 isinde ngokulambisa nabaqaphi bayo bedutshulwa,’’ kusho uCol Netshiunda.
Uthe abekho abalimalile futhi nembangela yokuhlaselwa kayaziwa, amaphoyisa aphansi phezulu acinga abasolwa.