UPHANGALELE umshayeli wemoto ebhajwe ngaphansi kwebhuloho ebeligcwele amanzi ngemva kwesichotho esihlasele ngoMsombuluko eBrakpan, Ekurhuleni.
Lokhu kudalulwe nguMnuz William Ntladi, okhulumela abezimo eziphuthumayo Ekurhuleni.
“Sithole umbiko ngesichotho esinamandla kakhulu esihlasele edolobheni laseBrakpan, ngezithuba zika-3.04 ntambama ngoMsombuluko. Amathimba ezicishamlilo athunyelwe kuleya ndawo ukuze alekelele lapho okunenkinga khona,” kusho uNtladi.
Uthi babuye bathola umbiko ngomuntu obhajwe ngemoto ngaphansi kwelinye lamabhuloho asedolobheni. Banikele khona ebhulohweni elisekhoneni yemigwaqo okuwuStation, noStoffberg Avenue, lapho bethole khona imoto ibhajiwe.
Ngeshwa umuntu obesemotweni utholakale esethule. Kubikwa ukuthi ufe ngenxa yokuminza kanti ubeyedwa emotweni ngesikhathi kwenzeka lokhu.