USHONELE egumbini lothisha umfundi waseThuto Tiro Comprehensive school (14) okusolakala ukuthi ugwazwe uzakwabo ngesikele ekilasini ngoMsombuluko ekuseni, eSebokeng, eGoli.
Imbangela yokugwazwa komfundi ayikaziwa kodwa uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni iGauteng uMnuz Panyaza Lesufi uphuthume kulesi sikole emuva kokuzwa ngalesi sigameko.
ULesufi uthe uMnyango waziswe ngempi yabafundi ababili abaneminyaka engu-14 eyenzeke ekilasini ngabo-8 ekuseni.
“Imbangela yengxabano ayikaziwa kanye nokuthi uthisha ubekuphi kodwa umfundi ukhiphe isikele wagwazwa uzakwabo ekilasini. Emva kokuba agwazwe, lomfundi ubalekele egumbini lothisha, lapho ashonele khona. Amaphoyisa asefikile kulesi sikole futhi nami gisendleleni ukuyothola olunye ulwazi,” kuchaza uLesufi.
Yize othisha bebone umfundi eseshona, ozakwabo bakamufi bambonile egwazwa ekilasini. ULesufi uthe akazi ukuthi lomfundi ugwazwe amanxeba amangaki. ULesufi uthe udlame olubhidlange ezikoleni lukhombisa indlela yokuphila emphakathini, lapho kuhlala khona abafundi.
“Awubheke izibalo zobugebengu ezisanda kukhishwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uzobona ukuthi izwe lethu ligcwele udlame,” kuchaza uLesufi.