IZAGUGA ezihlala ezindaweni ezingaphansi kukaMasipala waseMshwathi zihlonyiswe ngolwazi futhi zabuyela emakhaya ziqiqinge izipho ezihlukahlukene.
Phakathi kwezipho ezihlonyulwe yizaguga ebezihambele umcimbi wokubangazwa kwazo kubalwa izinduku zokudondolozela, ama-voucher amane okulala izinsuku ezimbili eMsinsi Resort, ama-hamper amabili, imitsholwane yamawolintshi, imiswibelo, amakha angama-roll on nokunye okuningi.
IMeya yakuMasipala waseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi, ithe iyona ephakamise kumakhansela ukuba kubungazwe izaguga ezihlala ngaphansi kwalo mkhandlu.
"Ngiyajabula ukubona ogogo ngoba yibo abathatha imadlana abayinikezwa wuhulumeni ka-ANC bayidle nabazukulu. AbakwaSassa bathe kunemali esizokwengezwa kwizaguga ezihola impesheni yokuguga kodwa ezingasakwazi ukuzenzela kanye nakwizingane ezihola isibonelelo sabantwana kodwa ezingasenabo abazali.
UNksz Lusanda Ntolosi, ongumxhumanisi kamasipala ne-IEC, ufundise izaguga ngokuthi kulo nyaka kuzobe kuvotwa kanjani. Uthe amaphepha okuvota azobe emathathu ngenxa yokuthi kukhona abazobe bengenele ngokuzimela.
"Kunelikazwelonke eliluhlaza okwesibhakabhaka, elesifunda elinombala o-orange nelesifundazwe elinombala o-pink."
UNksz Ntolosi unxuse izaguga ukuba zibhalise ngokohlelo lobuchwepheshe ukuze zikwazi ukuvota ngezinsuku ezikhethekile, okunguMeyi 27 no-28.
Uthe kunezaguga ezizofika esikhungweni lapho kuvotwa khona nalezo ezizofikelwa emakhaya.
USister Morgan wasesibhedlela sase-Appelsbosch unxuse abahlengikazi ukuthi yize emitholampilo kuvulwa ngo-7 ekuseni, kuvalwa ngo-4 ntambama kodwa akufanele iziguli zibuyele emakhaya zingaqedwanga ukwelashwa.
Uthe abantu sekufanele bengakunqeni ukuyohlolelwa izifo emitholampilo ngoba sekuhlale kufika odokotela.
"Abantu sebeyakwazi ukuxilongwa amazinyo namehlo, bathole nezibuko. Kufika nodokotela abangama-physio." USister uthe lokhu kwenzeka ngenxa yomshwalense obizwa ngeNH1. Esephetha uthe uma kudingeka umuntu adluliselwe esibhedlela, uyahanjiswa mahhala ngezinsuku ezithize.
Obeyisikhulumi sosuku uNkk Peggy Nkonyeni uthe okwenza kubekhona izaguga kuhulumeni ukubhekela amalungelo ontanga babo. "Ukuthi lokhu enikuzwayo, nabo bayakuzwa. Uma kuthiwa ogogo bahlukunyezwa ngabazukulu, nabo bayahlupha." UNkk Nkonyeni uthe ziningi izinto ezihlukumeza ogogo nomkhulu, uhulumeni ayilungisayo.
"Nizokhumbula ukuthi ngesikhathi kuthatha uhulumeni, ogogo babehola ngekwata uR395. Wathi uma ethatha uhulumeni wayinyusa wayibeka kuR995. Saqhubeka salwa. Manje nina senihola imali engaphezu kuka-2000. Uma uzoyeka lohulumeni, uyazi yini ukuthi abanye bazokwenzenjani. Bazoniphuca."
UNkk Nkonyeni uthe kuqala abantu abamnyama babehola imali engalingani neyezinye izinhlanga.
Eqhuba uthe uhulumeni ka-ANC ufike wafundisa izingane mahhala kusukela kuGrade 0 kuze kufike ku-Grade 12. Uthe uyaqhubeka uhulumeni afundise izingane nasezikhungweni zemfundo ephakeme. "Uthe esuka lapho wakhela abantu izindlu zamahhala. Akekho noyedwa umuntu lapha ongakaze wahlomula kuhulumeni."
Ubuye wagqugquzela izaguga ukuba zizivocavoce futhi zidle ukudla okunempilo.
"Ungadli ube uphuza ngoba isisu sakho sizoqina. Lokho kuzokwenza ukuthi uma sewuya endlini encane ufike ukhiphe imisimbane. Ngikhuluma kanje ngoba lomsebenzi ngiwufundele. Yingakho senginoMqemane Institutes of Wellness. Uma nifika khona siyakuchatha futhi sikufake okwangaphezulu ukuze kuphume konke ukungcola."
Lo mcimbi bewuhanjelwe wuNdlunkulu uThobekile Maphumulo, usomabhizinisi uMnuz Themba Njilo, iLungu lePhalamende eKapa, uNkk Sfucwana Zungu, uSomlomo waseMgungundlovu uNkk Nonhlanhla Gabela, uNkk Mbali Ndlovu woMsinsi Holding nabaNtwana baseNdlunkulu nezinye izicukuthwane. Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe wuZanele Mbokazi woKhozi kanti kunandise isihlabani somculo wokholo, uHlengiwe Mhlaba noKing M.