UNDUNANKULU kaZulu inkosi uMangosuthu Buthelezi ukhala ngokwenziwa kwamakhosi izichuse njengoba engavumelekile ukuvota uma kuthathwa izinqumo emihlanganweni yemikhandlu.
UButhelezi uthe ukungabi khona komthetho ovumela amakhosi ukuthi avote uma kuthathwa izinqumo emihlanganweni yomasipala, kuwenza abe yizichuse.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokuvulwa ngokusemthethweni kweNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natali obusesiShayamthetho esidala, oNdini.
Umthetho olawula ukusebenza komasipala uvumela ingxenye ethize yamakhosi ukuba ahambele imihlangano yomkhandlu.Yize amakhosi evumelekile ukuphawula emihlanganweni, kepha awavumelekile ukuvota.
UButhelezi ufuna lokhu kushintshe njengoba ethi amakhosi nawo awanikezwe amandla afanayo nawamakhansela.
“Sihlale silizwa ikhwelo lokuthi kufanele kube khona ukubambisana phakathi kukahulumeni nobuholi bomdabu.
“Okudidayo wukuthi akukho nesiqeshana sephepha oluwuhlaka olukhombisa ukuthi kungasetshenziswana kanjani phakathi kukahulumeni nobuholi bomdabu.”
“Emthethweni iMunicipal Structures Act, iSigaba 81 sithi amakhosi angaya nje emhlanganweni womasipala. Sithi angakhuluma kodwa avale imilomo uma sekuthathwa izinqumo,” kusho uButhelezi.
Uthe impumelelo yezinhlelo zikahulumeni ilele ekusebenzisaneni namakhosi.
“Ngaphansi kombuso wentando yeningi amakhosi aneqhaza okufanele alibambe kwezokuphatha nokubusa.
“Lokhu kufanele ngikugcizelele ukuthi isikhathi esiningi kuyinto ephelela ekucatshwangweni, engazange igcwaliseke. Kuyokuba wubuthutha uma sigudluza amakhosi esakhiweni sokubusa ikakhulukazi ngalesi sikhathi izwe libhekene nezikhathi ezinzima.’’
UButhelezi uthe useyilwe impilo yakhe yonke impi yokuthi amakhosi anikezwe amandla afanayo nawamakhansela, sekusele eSilweni uMisuzulu kaZwelithini nakuwo amakhosi ukuba baqhubeke nale mpi.
Uveze nokuthi ukungabi khona komthetho olawula ukubambisana phakathi kukahulumeni namakhosi, usanda kukhalaza ngakho kulowo obeyiphini likamengameli wezwe uMnuz David Mabuza ngesikhathi ezokotha iSilo uMisuzulu ngonyaka owedlule.
“Isifiso sami esikhulu kunazo zonke ngukubona amakhosi enikezwa igunya namandla afanayo nemikhandlu yamakhansela ezindabeni zokubusa.”
“Ngifisa ukubona imikhandlu yabaholi bomdabu ihlonyiswa ngamakhono nemali ukuze ikwazi ukufeza imisebenzi yayo,” kusho uButhelezi.
Uphinde wakhala ngokungemukelwa kwesikhundla sakhe njengoNdunankulu kaZulu wuhulumeni njengoba enganikezwa ithuba lokusukumisa iSilo emcimbini kahulumeni.
Uthe lokhu kuyammangaza, wathi kuqale ukwenzeka emva kokuthi elakuleli lathola inkululeko.