UMHOLI webandla lakwaShembe elizinze eGauteng, Inkosi Phakama “Indonsa Yokusa” Shembe, uziqhathe neziqandu ngesikhathi ekhwela edilika kuMfu Mthembeni Mpanza, emsola ngokwethuka amaNazaretha ngokuthi akhonza abantu esikhundleni sokudumisa uNkulunkulu.
Enkulumweni esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, uShembe uzwakala ethi uMpanza akafanele ukwehlulela abantu ngoba akabusisiwe wuNkulunkulu ngoba ubeyimantshi ebigweba nabantu abangenacala.
"Yimuphi umuntu ongathi ebesenqubweni yobandlululo, enqubweni eyakhiwe ukugqilaza umuntu omnyama bese ephuma kuleyo nqubo - kade egweba izingane zabantu, ezinye ezingenamacala - bese ehlambuluka eba wuMfundisi manje wakwaShembe, iNew Nazareth Baptist Church of God. Usengcwele nini lo muntu ngoba ubungcwele buyakhiwa?"
UShembe uthe akekho umuntu ongaphenduka umholi webandla lakwaShembe esemdala.
"Alikho iZwi likaNkulunkulu elivele likusukele usumdala, lithi woza-ke manje usugwebe abantu waqeda, usuthathe umhlalaphansi emsebenzini.”
“Akekho uNkulunkulu ongabusisa ijaji, ngoba lapha eBhayibhelini, kusho yena lo Jehova uMpanza akhuluma ngaye: “uthi ungahluleli.'"
Ephendula egameni likaMfu Mpanza, uMfu S Ntuli (elingatholakalanga igama lakhe eliphelele) uthe ubone kunesidingo sokuthi amphendule uShembe esidlangalaleni ngoba akushoyo kungamampunge.
“Uveze ukuthi umuntu oyijaji akabekwa kuleli bandla abe nguMfundisi lokho akusilo iqiniso. Ubaba uMelusi (Mfu Mthembeni Mpanza) wabekwa nguShembe ukuba abe nguMshumayeli evele eseyimantshi, waphinde wagcotshwa nguShembe ukuba abe nguMvangeli ebandleni evele eseyimantshi, ngakho le nto eshiwo unkosana uPhakama kayikho, ngamampunge,” kuphendula uNtuli.
Uthe noma nini umuntu oyobiza umuntu ngoNkulunkulu ebuNazaretheni bayomphikisa ngoba lokho kuphambene nemfundiso yobuNazaretha eyafundiswa nguMqaliwendlela.
“Ngithe asikho esindlebende kwabo, lokho ngikusho ngoba lo nkosana uPhakama nguye owafonela ubaba uMelusi ekhala ngephupho ayeliphuphile, iNkosi iLanga, imtshela ukuthi ibandla okuyilona lona yiNCG (kaMpanza) okungamaNazaretha kaNkulunkulu, wathi leli lakhe, iNkosi iLanga, ithe ngelezidakwa. Kwakusho yena, wacela ukuthi le nto ubaba uMelusi angayivezi ngoba abantu bakhe bazombalekela. Manje ngoba usencenga ukuhambe ekhangezwa usekhuluma into ayaziyo naye ukuthi ayikho, kwasho yena ukuthi le nto yabo yaphikwa ngubaba iLanga kuye,” kusho uNtuli.