USHAYWE wumphakathi waze washona ngoMgqibelo owesilisa waseMhlasini, eVerulam, obesolwa ngokubamba abantu inkunzi ehlome ngesibhamu.
Kulesi sigameko amalungu omphakathi, abedinwe egane unwabu, abuye alimaza nowesifazane obethandana nalona wesilisa.
Okhulumela inkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa) uMnuz Prem Balram, uthe bathole ucingo esiteshini samaphoyisa saseVerulam, becelela owesifazane usizo lwezempilo ngezithuba zasekuseni.
Uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko, isidumbu sikamufi oneminyaka elinganiselwa ku-30, besidindilizile endleleni yezinyawo ephakathi nemijondolo.
“Ubelimele umzimba wonke, uhlonzwe njengosethule endaweni yesigameko,” kusho uBalram.
Uthe intombi yakhe eneminyaka engu-27, ebiphuke ingalo futhi ilimele emzimbeni, ivikelwe ngonogada bakwaRusa nakuba ihambe isaphila kule ndawo.
Elandisa ngokwenzeka kwesigameko, uthe umufi uqondwe amalungu omphakathi abediniwe phakathi kwamabili.
Uthi bebemsola ngokubamba amalungu omphakathi inkunzi ehlome ngesibhamu.
“Amalungu omphakathi aqale khona lapho ukumshaya kanti lokhu kwenzeke kwaze kwasa,” kusho uBalram.
Uthe amalungu omphakathi abebuza umufi ukuthi siphi isibhamu.
“Ngezikhathi zasekuseni umufi ubalule igama lentombi yakhe ngesikhathi eshaywa. Iqulu lomphakathi linikele endlini yalona wesifazane, ekhona endaweni, bamphoqa ukuthi ahambe nabo kuyiwe lapho bekushaywa khona isoka lakhe,” kusho uBalram.
Uthi bathe uma befika naye lona wesifazane lapho bekushaywa khona isoka lakhe, baqala naye bamshaya kanti yena uze walanyulelwa ukuthi umholi womphakathi athinte amaphoyisa ukuthi eze azongenelela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala nelokushaywa eliphenywa ngamaphoyisa aseVerulam.
“Kushone owesilisa oneminyaka engu-30 emva kokushaywa, kwathi intombi yakhe nayo yashaywa yalimala,“ kusho uLt Col Gwala.