KUKHUTHAZWE intsha yasemalokishini ukuba izimele inganciki kuhulumeni, ngesikhathi kuvulwa umbukiso wamabhizinisi wezinsuku ezine, iDurban Business Fair: South Region enxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu eMlaza.
UDkt Bongumusa Ntuli we-The German Cooperative and Raiffeisen Confederation, uthe izinhlelo ezifuze lolu zizolekelela ukushumayela ivangeli lokuthi intsha ayizimele.
Umbukiso uzophethwa ngeSonto, kanti uzobe ugabe ngezikhulumi eziqhamuka emikhakheni ehlukene ukuhlomisa osomabhizinisi abasafufusa ngamasu okuchumisa amabhizinisi abo.
UNtuli ucebise abantu ukuthi abahlangane emphakathi abawakhele, babambisane bafukulane emabhizinisini abo ukugwema ukulindela yonke into kuhulumeni.
“Njengoba uMlaza unabantu abalinganiselwa ku-898 000, sizohlaba ikhwelo lokuthi abantu bakuleli lokishi abahlangane, babeke okungenani uR20 umuntu emunye ngenyanga, okuzokwenza ukuthi benze uR13 million, okuba wuR165 million ngonyaka. Yimali leyo engasiza ukuqala nokufukula amabhizinisi abo ngaphandle kokukhangeza kuhulumeni,” kucebisa uNtuli.
Umhlaziyi we-Co-operative Banks and Development Agency uNksz Khuthala Lengisi, ukhale ngokuthi osomabhizinisi abaningi banenkinga yokuswela ulwazi ngemigudu okumele bayilandele ukuze amabhizinisi abo aqhubeke ngendlela efanele.
“Yizinselelo ezinjalo okumele kubhungwe ngazo, kucetshiswane ngokuthi yikuphi lapho okumele kulungiswe khona ukugwema amaphutha esibona eyingxenye yezizathu eziholela ekutheni osomabhizinisi abaningi bangaxhaseki,” kusho uNksz Lengisi.
Usotswebhu wekomiti lokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala weTheku, uNksz Busi Ndlovu, uthe wethemba ukuthi lolu hlelo luzobasiza kakhulu osomabhizinisi ukuchumisa amabhizinisi abo, okuzosiza ukufukula umnotho wasemalokishini nasedolobheni iTheku namaphethelo.
Kulo mbukiso kuzohlangana osomabhizinisi abawu-130 abazokhangisa ngamabhizinisi abo kuqhubeke nezingxoxo zokubahlomisa ngolwazi lokuwathuthukisa.