UKUZITSHWA wumasipala akuzange kumqede amandla esifisweni sakhe sokusiza abafundi namalungu omphakathi abewela kanzima uma umfula ugola izintethe, owesilisa waseNzala eMabomvini, ngaphansi kukaMasipala waseMvoti. Muva nje, uphenduke iqhawe ngokwakha ibhuloho labahamba ngezinyawo ekhipha ephaketheni lakhe.
UMnuz Vumani Shelembe, oziphilisa ngebhizinisi lokushisela endaweni exoxa neSolezwe, uthe ukubuka abantu bangakubo behlupheka ikakhulu abafundi nabantu abagulayo, bewela kanzima ukuya ezikoleni nasemtholampilo ongaphesheya komfula iNadi, obuye ungenise kumenze waphokophelela ukulekelela ekuguquleni isimo. UShelembe uthe ukuhlela ukwakha leli bhuloho nokulakha, kumthathe iminyaka emibili, emva kokufaka izicelo kumasipala njengelungu lomphakathi elikhathazekile efisa ukuthi ubonelele abantu nabafundi abebethwala kanzima uma kungena ihlobo, kuyisikhathi semvula.
“Izingane zami zifunda eSomahhashi, okuyisikole samabanga aphakeme esingaphesheya komfula. Uma lina kakhulu bengizilanda ngemoto ngisebenzisa indlela ethathelayo. Bengizama ukuthatha ezinye izingane zomphakathi kodwa ngehluleke ngoba ziningi kakhulu bengingeke ngiziqede. Kubuhlungu uwumzali ukubona izingane ziwela ngezinyawo umfula oyingozi,” usho kanje uShelembe.
Uveze ukuthi kunezigameko ezimbalwa zokwemuka kwabathile abangamalungu omphakathi abadlula emhlabeni emva kokuzama ukuwela lo mfula ugcwele ngenxa yokungabikhona kwebhuloho.
Uthe ngesikhathi ebona ukuthi alukho usizo alutholayo, unqume ukusukuma asebenzise ulwazi analo ekushiseleni izinsimbi, waqoqa izinsimbi ezinye zazo ezindala esebenzisa nemishini yakhe yokushisela ngenhloso yokuthi kusizakale umphakathi. Uthe kwesinye isikhathi bekudingeka ayothenga izinsimbi ezitolo, aqashe nomshini wokumba nabantu abazomlekelela ukuthi kwakhiwe leli bhuloho, waveza ukuthi kumudle imali u-R50 000 obuphuma ephaketheni lakhe.
Uqhube wathi ngaphandle kwabafundi abasizakele ngokwakhiwa kwalo, bekubanzima ukubona umuntu oxinwe ukugula ehamba ngendlela ethathelayo eya emtholampilo ongaphesheya komfula noma ezama ukuwela obekuba yinkinga kakhulu uma liyidliva. Leli bhuloho athe lingamamitha awu-20, uthi ukwakhiwa kwalo kuphothulwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kanti usizo lwalo lugqame kakhulu kuleli sonto njengoba isifundazwe besihlaselwe yimvula enamandla kugcwala imifula, okuqondane nokubhalwa kwezivivinyo zika-matric.
Yize ngokuvuleka lilincane ngenxa yokuthi ubengenazo izinsiza ezanele, uShelembe uthe leli bhuloho wenze isiqiniseko sokuthi liphephile njengoba linezinsika eziyisishiyagalombili, kukhona kuzo nezihamba ngambili athe yena nabebemlekelela benza isiqiniseko sokuthi zimbelwe zafakwa ngendlela eqinisekisa ukuphepha. Linendawo yokubambelela abawelayo nakuba isohlangothini olulodwa.
“Ziningi izindawo lapha kwelakithi umphakathi othwala kanzima uma uwela ngenxa yesimo esifanayo. Ngiyafisa ukulekelela kodwa amandla awekho ngoba engikwenzile bekuphuma ephaketheni lami emva kokuthi umasipala ukhombise ukungayingeni indaba yokusiza,” kusho uShelemba.
Emva kokufakwa kwe-vidiyo yabafundi bethakasile bewela kuleli bhuloho ku-Facebook weSolezwe, iningi labantu lincome isenzo sikaShelembe.
UNtombifuthi Buselaphi uthe: ‘’Into enhle iyanconywa, uNkulunkulu akwandisele lapho uthathe khona.“
UMfundo Ntombiyasemabheleni Ntuli uthe:“Kungcono avotelwe abe yimeya, muhle umsebenzi awenzile.”
USthembile Ngubane uthe:“Siyabonga baba uShelembe wenze okwehlula umasipala.”