IPHENDUKE into yokubhuqa ezinkundleni zokuxhumana indaba yokuthi uhulumeni usezoba nongqongqoshe kagesi ozozinza eHhovisi likaMengameli, asebenze indaba yawo kuphela hhayi okunye.
UMengameli Cyril Ramaphosa umangaze abaningi ememezela indaba kangqongqoshe kagesi ngesikhathi ethula inkulumo ebhekiswe esizweni kuleli sonto.
Udaba lukagesi belubhekwe ngabomvu njengoba abaningi bekhombisa ukuthi ibami emphinjeni indaba yawo. URamaphosa umemezele nokuthi udaba lukagesi luzosingathwa njengenhlekelele exake izwe.
Kwakhona lokho kwehlukanise imibono ezinye izinhlaka zisonga ngokuyovimba uhulumeni enkantolo ukuthi angaqhubeki nalokho.
URamaphosa uthe unqume ukuthi kube nongqongqoshe kagesi ngenxa yenkinga yokucinywa kwawo ehlasele izwe. URamaphosa usho lokhu nje kulindeleke ukuthi amemezele izinguquko kwikhabhinethi lakhe azolihlela kabusha maduze.
Abaningi bamangazwe wukuthi kukhona uMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni oholwa wuMnuz Pravin Gordhan onguNgqongqoshe. Kukhona uMnyango wezaMandla nokuMbiwa oholwa wuMnuz Gwede Mantashe onguNgqongqoshe. Umbuzo ogqame kakhulu wukuthi ungqongqoshe kagesi yena uzokwenzani uma kunjalo.
Ezinkundleni zokuxhumana bekuntaza izigqebhezana abantu behlekisa ngayo le ndaba.AbeDA bakhiphe izibalo zabo bengathekisa ukuthi ungqongqoshe omusha kagesi angase abize R37.24 million ngonyaka. Kubalwa umholo wakhe, yizindleko zehhovisi, yiphini lakhe, abaqaphi nezimoto azohamba ngazo nokunye okuzodingeka.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe ubona sengathi umengameli ushaye eceleni ngendaba kangqongqoshe kagesi.
“Yinto engekho njengoba sinabo ongqongqoshe ababili uMnuz Gwede Mantashe noMnuz Pravin Gordhan. Into ebingaba yinhle wukuthi bathathe imali bajube abantu abazokwenza uphenyo bacwaninge ukuthi inkinga ikuphi baphume nezincomo. UMengameli uzisholo yena wathi amakhono onke sinawo sekukhona nonjiniyela abazikhethele ukulekelela,’’ kusho uMngomezulu.
Uthe usola ukuthi uRamaphosa ugwema ukuxosha uGordhan noMantashe ngenxa yezizathu zezepolitiki yingakho ememezela ungqongoshe omusha. Unobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula weseke isinqumo sikaRamaphosa wathi ungqongqoshe kagesi uzobe ebhekene ngqo nenkinga ekhona elala evuka ngayo.