UMNDENI wephoyisa lasesiteshini eNtuzuma uthe kukhona okudla amantshontsho emsamo ngokuduka kwalo kodwa kawufuni ukwanda ngezinsolo zawo. Iphoyisa uNhlanhla Khuzwayo kuthiwa liduke kade likubo libuya emsebenzi, alisatholakali nakwiselula.
Ilungu lomndeni, uNkk Thandeka MaKhuzwayo Cele, lithe kukhona umlando kodwa alikwazi ukwanda kakhulu ngawo, lisalinde inombolo yecala. UNkk Cele ukhulume waze waphatha indaba yokushona kwabathile kodwa engafuni ukucacisa.
“Ulahlekile ngizosho ngiphelele lapho nje, ulahleke esekhaya. Ufike washiya ibheji lakhe lamaphoyisa walahleka. Uma icala selivuliwe kahle sathola inombolo yalo ngiyokulandisa ukuthi kwafika kwashona bani, kwashona bani nobani kwangenzeka lutho. Yingakho sisukume sonke manje sathi uma kufanele sife nathi kulungile,’’ kusho uNkk Cele.
Uthe uma elandelwa ngemibuzo wathi yena uyawazi umthetho, uwufundile ufuna ukwenza izinto ngendlela.
Abomndeni bebefake isaziso ekhasini lesiteshi somphakathi, becela ukufuniswa leli phoyisa okuthiwa ligcine libonwa abathile likhombisa izimpawu ezixakayo. Bafake nesithombe salo lifake umfaniswano bethi ligcine ukubonakala eMona, nabebelikhulumisa belingabaphenduli, bexakeka nje.
Isaziso siqhubeka sincenga ukuthi onolwazi ashayele inombolo ebinamekwe khona.
“Nasemsebenzini wakhe bathi kade agcina ukuya khona, ubesebenzela esiteshini eNtuzuma. Ngicela ningishayele ucingo uma kukhona abanolwazi noma ombonile,’’ kuncenga ozibize ngodadewabo.
Abomndeni bagcine bephethe ngokuthi basazohlangana babhunge kabanzi ngezinto ezithile ngaphambi kokukhuluma benabe nephephandaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uqinisekisile ukuthi kubikiwe ukuduka kwephoyisa.
“Kuvulwe idokodoko ngokulahleka komuntu namuhla. Umuntu olahlekile usacingwa ngamaphoyisa okwamanje,’’ kusho uLt Colonel Gwala.