USENKINGENI owesifazane waseManzimtoti onezincwadi zomshado ezikhomba ukuthi ushade namadoda amabili.
UNkk Ernestina Nkabinde owumfelokazi ka-Edward Muziwenkosi Masinga owashona engozini yemoto ngo-1990, usola uMnyango wezaseKhaya ngokuthi ngemuva kokushona komyeni wakhe wanikeza enye indoda enegama, isibongo nosuku lokuzalwa okufanayo nokomyeni wakhe inombolo kamazisi yomyeni wakhe, maqede ‘wamshadisa’ nayo le ndoda, ekubeni yena wabuye washada noMnuz Duncan Themba Nkabinde ngo-1997.
Le nkilayitheka uthe uyizwe ngo-2015 ngesikhathi eshayelwa ucingo yibhange lithi uMasinga uyalikweleta njengoba beshade umshado ohlanganisa amafa kanti kumele azokhokha, kungenjalo ibhange lizodla imoto yakhe. “Ngabatshela ukuthi uMasinga washona. Bathi ngokolwazi abanalo uyaphila baze bangikhombisa umazisi afaka ngawo isicelo sokuboleka imali. Kulapho ngabona khona isithombe esifakwe kulo mazisi ngabona ukuthi ngesomunye umuntu.”
Uthe waya eMnyangweni wezaseKhaya eSiphingo bamkhomba enhlokohhovisi eMgungundlovu. Kwathiwa akazibhekele ifayela lomyeni wakhe ngoba ngaleso sikhathi izitifiketi zazingakenziwa ngekhompyutha. Walithola ifayela, wafaka isikhalo ecela ukuthi lo mnyango ‘umbulale’ umyeni okuvela ukuthi usadla anhlamvana. “Akekho owake wangishayela ucingo engazisa ukuthi kwenzekani. Kwathuleka ngaze ngabuyela emahhovisi ngonyaka olandelayo. Ngatshelwa ukuthi ngeke bakwazi ukumesula umyeni ngoba inombolo yakhe isetshenziswa ngomunye umuntu ophilayo ohlala eGoli. Uma ngibuza ukuthi kwenziwa yini ukuthi lo Masinga ophilayo naye ashade nami, uma kungabantu abehlukene, abakwazanga ukungiphendula. Ngabuza ukuthi kuzokwenzekani uma kushona oyedwa wethu nakhona ayiphumanga impendulo.”
Uthe wanikwa inombolo yasePitoli kwathiwa akashayele khona ucingo abuze ukuthi kwenzekani ngalolu daba. Uma eshaya ucingo bathi akukho abakwenzayo akabuyele lapho afaka khona isikhalo, baqale phansi. Akuchazwa ukuthi yini eyinkinga.
“Ehhovisi eliseMgungundlovu nabo bangikhomba ePitoli, angisazi ukuthi kumele ngenze njani. Kwenziwa yini umnyango ungibhalise imishado emibili kodwa wehluleke ukulungisa iphutha? Kanti lo mazisi wadayiswa yini?”
Ngokuthola kweSolezwe, uMasinga ophilayo uhlala eKlerksdorp, wafaka isicelo sikamazisi ngo-1992. Akucaci ukuthi washada nini noNkk Nkabinde okubuye kuvele ukuthi ushade noNkabinde ngo-1997.
UMnuz Thabo Mokgola wehhovisi lomnyango lezokuxhumana kuzwelonke uthe lolu daba uludlulisela kwimenenja yalo mnyango eKZN uMnuz Cyril Mncwabe ukuthi aluphenye.