UKUTHANDWA kwengoma yeGcokama Elisha, iGucci elipike kuyona uMaWhoo, uthi kumkhululile lo maskanda ngenxa yengcindezi yengoma yakhe yanyakenye iParis.
IGcokama Elisha lithi lizizwa likhululekile ngendlela emukelwe ngayo ingoma yalo ephume ngoLwesine ebusuku.
“Ukuthandwa kwale ngoma kwehlise umthwalo emahlombe kumina ngenxa yokuthi kuneParis ethandwa kakhulu. Bengingazi ukuthi kuzokwenzekani kodwa benginethemba lokuthi ngeke ngihluleke.
“IParis ngiyifanisa nokuthatha umfazi wokuqala, bengingeke ngihluleke ukuthatha owesibili njengoba kwenzekile ngeGucci. Lokhu kungubufakazi bokuthi ngingakwazi ukuthatha nowesithathu kungabi ndaba zalutho. Ngijabule kakhulu ngokwenzekayo futhi kuningi okuhle okuzayo,” kusho Igcokama Elisha.
Lithe ukuphuma ezindabeni zokungcofana komaskandi kulisizile ngoba kulinike ithuba elanele ukuthi ligxile ekwenzeni umculo.
“Ukuphuma kwale ngoma kuvule amathuba amaningi njengoba kukhona abantu abangiqashe namhlanje (ngoLwesihlanu) ukuthi ngizonandisa emicimbini yabo emva kokuzwa le ngoma nale engiyiqophe noNomcebo Zikode iShephisi Ejazini. Kukhona nezinkampani esezingifonele zifuna ukusebenzisana nami. Lokhu kwenza ngiziqoqe kakhulu ngoba izinkampani ezingithintayo zinkulu azifuni ukuzihlanganisa nomuntu olandelwa yiphunga,” usho kanje.
Kumanje iGucci ikhomba ukwenza kahle kakhulu kuYouTube njengoba kushone elayizolo isilalelwe abantu abangaphezu kukahhafu wesigidi.
IGcokama Elisha lithe liyethemba amathe abuyele kwasifuba kwabebengamfiseli okuhle. Lithe kukhona ababethe ngeke liphinde likhiphe ingoma esezingeni leParis. Izinsongo zabo lithe kumele babone ukuthi aziphumelelanga njengoba sekwenzeka kanje njengoba likhiphile.
Ngokwe-albhamu lithe alizokuveza ukuthi lizoyidedela nini isiyonke kodwa abantu ababe bejabulela lezi zingoma esezikhona. Liveze ukuthi ngenxa yokuthi lihlala ligadiwe alikwazi ukudalula zonke izindlela zalo kodwa abantu kumele babone selenza umsebenzi.