UMLINGISI wodumo lukaNamhla kwiGenerations kodwa osenguDJ, uThulisile "Thuli P" Phongolo, ugonyuluke ngokumenza angabi nabantwana nangempilo ewubukhazikhazi obuntofontofo ayiphilayo, ngemali yakhe.
UThuli P uthe uphendula laba abamsola ngokuthi uyiswe yisoka lakhe uDJ Maphorisa ukuyokhukhumalisa izinqe namabele eBrazil naseTurkey muva nje. Uthe lobu buhle abantu ababubonayo obemali yakhe.
Mayelana nokungabi nabantwana, uThuli P uthe usazijabulisa ngoba yena uzikhethela ukuthwala izikhwama kunabantwana.
"Nina nizala abantu, thina sizala izikhwama. Wonke umuntu uzikhethele umthwalo wakhe empilweni."
Uthe yena ukhetha ukuhlala etshethe izikhwama kunezingane.
"Thina sithanda ukuthi lowo mthwalo owuphathayo ubuye uwubeke phansi ... ingane kumele uhlale uyigadile."
Uphinde waveza ukuthi empeleni laba abathi wenzelwa izinto amadoda, basho ngoba abazi lutho ngempilo yakhe. Abazi nokuthi ukhule kanjani futhi unomndeni onjani.
"Angiyiqali le mpilo (emnandi), ngiqale ukusebenza ngineminyaka ewu-15 kule ndima yezokungcebeleka. Kade umuntu aduma. Kade umuntu ayenza imali. Kade umuntu ayezithanda. Ayingithusi le ndawo. Bengehla ngenyuka ngamabhanoyi, ngigibela ko-first class nako-business class."
Uthe akakaze wahlala ebhanoyini lapho kusuke kunowonke wonke futhi akakugxeki lokho kodwa ufuna abantu bakuqonde ukuthi usuka kude nempilo yobumnandi.
Uthe ngisho nonina uyazi ukuthi uma ehamba nabazali bakhe akasebenzisi nanoma yini engekho ezingeni. Eqhuba, uthe okumxakayo ukuthi uma unendoda, abantu bayamanisa impilo emnandi naleyo ndoda, ize inconywe ngempatho.
Uthe inkinga yakhe ukuthi akasiye umuntu okhonze ukuchoma ngezinto anazo, uma engenza njalo, amathe engabuyela kwasifuba kubantu.
"Uma ngingaqala nginikhombise ingadi yendlu engihlala kuyo, yeka nje indlu, ingadi nje. Angikangeni endlini, nginikhombise izimbali zami..."
Udonse abantu ngendlebe ukuthi bayeke ukumbuza ngomzimba wakhe ngoba abangeni kuwo ngoba akakaze wacela uvo lwabo ngawo.