NKOSIKHONA CELE
UMQEQESHI webhola ophinde abe wumfundisi ebandleni labasindisiwe ugwetshwe ukudilikelwa yijele enkantolo yesifunda eVerulam ngoLwesihlanu ngecala lokudlwengula umfana owayeneminyaka ewu-9 ubudala.
UDavid Mkhanyisi Ntshulana (59) ugwetshwa nje ubephika elala ngomhlane ukuthi wadlwengula lo mfana ngoSepthemba 16 ngonyaka odlule.
Ngokobufakazi obethulwe phambi kwenkantolo, uNtshulana wadlwengula lo mfana ngesikhathi elele emzini wakhe eMhlasini eWaterloo. Lo mfana wayengomunye wabafana ababeqeqeshwa yilo mdlwenguli njengoba wayeneqembu lebhola labafana abancane.
Kuvela ukuthi lo mfana wathi uma evuka, wezwa izinhlungu endaweni yokulahla itshe lentaba futhi egcotshwe ngamafutha khona.
Kuthiwa eduze kwakhe kwakukhona umqeqeshi, enqunu, wathi akazange amenze lutho.
Isisulu sasikade silele nomngani waso yena ongazange adlwengulwe. Ngakusasa umqeqeshi wabathatha bobabili abafana waya nabo enkonzweni kwaba sengathi akwenzekanga lutho.
Isisulu sabhoboka ngale ndaba kumngani waso, wasiyala ngokuthi singathuli kodwa lolu daba siludlulisele kunina.
Unina wavula icala lokudlwengula, nokwaholela ekutheni kuboshwe le ndoda edume ngokushumayela iqekebule enkonzweni.
Phambilini lesi sigameko saba yindaba egudwini kumalungu omphakathi waseWaterloo namaphethelo, owawusabisa ngokumudla luhlaza lo mqeqeshi uma inkantolo imdedela ngebheyili.
Ngaphambi kokuthi aboshwe, wayiswa esibhedlela kwazise umphakathi wawuqale ngokumtitinya.
Ngesikhathi egqigqa enkantolo kwavela ukuthi ubhekene namanye amacala amane okunukubeza ngokocansi abafana abaneminyaka engu-12 kuya phezulu khona eWaterloo.
Kwahlaluka nokuthi uMfundisi abagilwa wayeqala ngokuthi abaphuzise unemenayidi okukholakala ukuthi wayesuke esewuthake nesidakamizwa esithile esasibenza bazumeke, bese eyabadlwengula.
Kuthiwa wayebasabisa ngokuthi uzobenzakalisa uma beke bathi nkente ngalolu daba.
Kwavela nokuthi abazali abaningi bebemethemba kakhulu lo mfundisi emphakathini.