NKOSIKHONA CELE
UKHUTHAZA izinkampani zabangcwabi ukuthi ziklame indima enkulu ekudalekeni kwamathuba omsebenzi, umnikazi wenkampani yabangcwabi iMadlala Funeral Services, uMnuz Mluleki Madlala (42).
UMadlala ukholwa ukuthi abangcwabi banendima enkulu abangayidlala ekulweni nobubha emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya.
Kuyimanje uthe inkampani yakhe isiqashe abantu abangaphezulu kuka-40 ngokugcwele, engababali ababambe itoho.
"Ngikholwa ukuthi njengoba isimo somnotho sintenga kuhle nathi silekelele ukuze kube khona abantu abalala bedlile.''
"Angigcini ngokuthi ngizithuthukise mina kuphela kwezamabhizinisi kodwa nalaba engibaqashile ngiyabacija ukuze bagcine sebenawabo amabhizinisi.''
Lo mngcwabi uke waba sematheni ngokungcwabela imindeni esuke ingenamali yokungcwaba, okuyinto angayenzi ngakubo kuphela kodwa uma umbiko uke wafika kuye, usiza noma ngabe lowo mndeni ukuziphi izinkalo.
Uthe asikho isidumbu okumele size sibole ngoba nakhu umndeni ungenayo imali yokungcwaba. Kumele izinkampani zokungcwaba zingenelele zilekelele, usho kanje.
Uthe wakhula kanzima kangangoba noyise wangcwatshwa woninalume isimo singesihle ekhaya.
"Kusukela lapho ngabona ukuthi kumqoka kangakanani ukulekelela abanye abantu ukuze bangcwabe,'' echaza.
Uveze ukuthi ibhizinisi yinto esemithanjeni kuyena. "Ngisemncane bengize ngiphuthe ngisho esikoleni ngiyodayisa lapho okuholwa khona impesheni. Lena kwaba yinto engikhula nayo ngaze ngagcina sengithuthuka kwezamabhizinisi,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi inkampani yakhe uyibhalise ngokusemthethweni ngo-2008. Inamagatsha ezindaweni ezahlukene, eMlaza kwaV, eMgababa, eMzinto nasePort Shepstone.