‘YIZE kusetshenziswe umthetho ukumephuca imoto okusolakala ukuthi yasetshenziswa ukwenza icala lokutapa impahla ngezibhelu zokuzitapela ezitolo ngonyaka odlule kodwa ngokomthetho - unalo ilungelo lokufaka isicelo sesinxephezelo uma kwenzeka limthetha leli cala athweswa lona.’
Usho kanje uMnuz Mpumelelo Zikalala isazi sezomthetho, ngenkathi echaza ngesinqumo sophiko lokushushisa i-NPA lokudliwa kwemoto kaMnuz Mbuso Moloi okuthiwa wayisebenzisa ngesikhathi etapa esitolo sakwaWoolworths, eGlenwood ngoJulayi nyakanye.
Izolo, iNPA ikhiphe isitatimende lapho iveze khona ukuthi i-Asset Forteiture Unit (AFU) KwaZulu-Natal, ithole ilungelo lokuphuca uMoloi, imoto iMercedez Benz C300 ebhaliswe egameni lakhe, kulandelwa umthetho oyigunyaza ukwenza njalo.
UMoloi ubhekene namacala okweba nokudala udlame ephakathini, okuyamaniswa nezibhelu zokutapa.
“Imoto (inani layo elalilinganiselwa kuR500 000 ngaleso sikhathi), uyiphucwe ngenxa yokuthi yasetshenziswa ukwenza ubugebengu. Ngenxa yokuthi isabhaliswe ngaphansi kwegama lebhange ngoba usayikhokhela, izobuyiselwa kulona ukuthi liyigcine kuze kuphethwe icala.
“Okwenziwa yi-NPA yize kuhambisana nomthetho kodwa kumcindezela isibili umsolwa noma engenakwenza lutho ngoba kulandelwa umthetho. Nokho uma kwenzeka la macala emthetha, angakwazi ukuvula icala lesinxephezelo egameni lokuthi ngenkathi esabhekene necala, ubengakwazi ukusebenzisa imoto ayikhokhela ngemali yakhe,” kusho uZikalala.