ASEKUBHACENI amalungu omndeni wakwaShezi KwaMashu asola umakoti wawo ngokuwaqotha ngenhlamvu.
Bathi njalo uma kuzodutshulwa ilungu lomndeni, uthumela umqhafazo abatshele ukuthi ubani osezolandela, okuyinto abathi ayishayi eceleni, yenzeka ngempela. Aseyisithupha -esikhathini esiyizinyanga ezine, amalungu alo mndeni asebulewe ngokudutshulwa, wonke kuthiwa abikezelwa ngemiqhafazo kamakoti.
Lo makoti kuthiwa kuthe uma kushona umyeni wakhe ngonyaka odlule, wanqatshelwa yilo mndeni ukuthatha amafa ngoba umsola ngokuba nesandla ekufeni kwendodana yawo. Umyeni wakhe, owayeyiphoyisa, wadutshulwa ngabantu abangaziwa.
Lo wesifazane kuvela ukuthi uke wathathwa ngamaphoyisa ayomphonsa imibuzo kodwa wabuye wadedelwa. Iphoyisa, elingavumelekile ukukhuluma nabezindaba, likuqinisekisile ukuphonswa imibuzo kwalo wesifazane.
“Umakoti wafunga wagomela mzukwana ehamba lapha ekhaya ukuthi uzosiqotha ngenhlamvu sonke ngoba simqambela amanga,’’ kuchaza umthombo oyilungu lomndeni.
Kunemiyalezo amalungu omndeni ayikhombise intatheli, athi isuke ithunyelwe nguyena uqobo umakoti.
AbakwaShezi babalisa ngokuthi njalo uma kukhona ilungu lomndeni elizodlula emhlabeni, umakoti uqale abatshele ukuthi sekuzoba ngubani ozolandela futhi uzofa kanjani.
“Ngenyanga edlule kudutshulwe omunye umfowethu wafa. Umakoti wayekade esesitshelile ukuthi ngubani ozolandela, ngempela kwaba njalo,’’ kubalisa ilungu lomndeni eligodliwe igama lalo.
Lithe nango-Agasti kube yinto efanayo njengoba umakoti ababhalela umyalezo ebatshela ukuthi ubani ozolandela adutshulwe. Ngempela kwaya ngamagama enkehli kwabulawa elinye ilungu lomndeni.
“Ilungu lomndeni elidutshulwe ngo-Agasti libulawe kungakapheli ngisho izinsuku ezine umakoti ekade esesitshelile ukuthi kuzokwenzekani. Kuduma amakhanda, asisazi ukuthi senzenjani uma kunjena,’’ kubalisa elinye ilungu lomndeni.
Omunye umthombo, osondelene nomndeni wakwaShezi, uphawula ngalolu daba, uthe: “Ngikutshela ukuthi uma umakoti wabo eseshilo ukuthi ubani ozolandela abulawe, akugeji, loyo uyafa ngokudutshulwa.”
Ngenyanga eyedlule kuvela ukuthi kudutshulwe kwabulawa ilungu lalo mndeni. Nalo ngaphambi kokuba libulawe, amalungu omndeni athi umakoti wawazisa ukuthi ubani uzobulawa, batshelwa nanokuthi uzofa kanjani.
“Umakoti wasitshela ukuthi u…… uzobulawa ngokudutshulwa futhi nini. Hheyi yaze yabuhlungu nansi into esizithola sibhekene nayo lapha ekhaya,’’ kubalisa ilungu lalo mndeni lesithathu.
Lo mndeni uzwakalise ukuthi ukhathazekile njengoba ngesonto uthole omunye umyalezo obubatshela ngongase alandele.
“Kube khona umuntu osishayele ucingo wasitshela ukuthi lapha ekhaya kusazogobhoza igazi futhi sizophela sonke,’’ kuchaza ilungu lomndeni.
Ethintwa umakoti, uthe akahlangene yena nokufa kwamalungu alo mndeni.
‘’Engingakusho nje wukuthi umkhuleko wami unamandla okugingqa zonke izitha zami,’’ esho ngezinqamulelayo maqede wavala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko sakamuva sokudutshulwa kwelungu lalo mndeni.
Uthe lesi sigameko senzeke KwaMashu. Uthe amaphoyisa akule ndawo asaphenya. Mayelana nezinye izigameko, amaphoyisa awaphawulanga ngazo njengoba umndeni ungawanikanga imininingwane yamacala.