Owesifazane waseLakeside, eVryheid, usencamele ukuyobhaca nezingane ezintabeni ngoba ebona uphenyo lokuhlaselwa kwakhe luhamba kancane.
UNksz Nelisiwe Xulu (37) uthe sekuphele unyaka golokoqo avulela omakhelwane bakhe icala emuva kokusinda ngokulambisa bemhlasela ngoJanuwari 28, 2023.
Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto, uNksz Xulu uthe wayephuthuma emngcwabeni ngalolu suku ngezithuba zasekuseni. Uthe washiya abantu ababezomhlasela nomunye umakhelwane osethanda ukuqinaqina ngoba yena wayeshiwa yisikhathi.
"Kwathi ngezithuba zabo-9 ebusuku bangivimbezela, bangishaya futhi bengichapha ngezinhlamba. Babethi ngingumthakathi futhi ngiyazitshela ngoba izingane zami zifunda ezikoleni ezizimele. Sebedelile ukungishaya babethi sebeyihlabile inkomo yabo."
Uthe selokhu ehlelwa yisigameko usephila ngamaphilisi ngoba walimala kabana ekhanda.
"Usuku nosuku ngihlushwa yikhanda elingapheli," kuchaza uNksz Xulu.
Ukhale ngokugqoza kophenyo lwamaphoyisa nokuthi usagqigqa enkantolo ngoba wavulelwa icala lokulimaza ngabahlaseli kepha uthi bamqambela amanga. Uthi ubhecwa ngobende ekubeni inyama engayithanga mbibi. Ngokusho kwakhe, ngesikhathi bemshay, ngisho nangeketanga elinengidi, wayengakwazi ukuzivikela ngoba babebaningi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseVryheid, abopha abasolwa ababili, oyedwa uneminyaka ewu-30, omunye uno-39, ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
"Bavela phambi kweNkantolo yeMantshi yaseVryheid ngo-Agasti 24, 2023. Idokodo lathathwa layiswa kuMshushisi woMphakathi oMkhulu, futhi abaseshi basalindele isinqumo. Ummangali usola ukuthi ngomhla ka-28 Januwari 2023 wayeseNewstands, eLakeside ngesikhathi elalelwa unyendle futhi eshawa ngabasolwa. Udaba lwabikwa emaphoyiseni maqede bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela abasolwa," kuchaza uLt Colonel Gwala.
Esephetha uLieutenant Colonel Gwala weluleke uNksz Xulu ukuba axhumane noMphathisiteshi samaphoyisa noma noKhomanda wegatsha lamaphoyisa ukuze athole ukuthi udaba lakhe selukusiphi isigaba.