UKHONJWA eThekwini lapho kuthiwa ubhace khona osolwa ngokubulala intombi yakhe nodadewabo ecikwa ukwaliwa, esigamekweni esishaqisayo esenzeke Esidakeni, Obuka, emasontweni amabili edlule.
UNomvula Zulu (33) nodadewabo, uThandolwethu Zulu (20), kuthiwa badutshulwa owesilisa owaziwayo endaweni, sekubalwa izinsuku kuqale umkhankaso wokuqwashisa ngesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane.
Ngokulandisa kukaMnuz Michael Zulu, oyinhloko yomuzi, batshelwe ukuthi lo mlisa ubethandana nendodakazi yakhe, uNomvula, okuthe ngoba isiyalotsholwa nguyise wezingane zayo, yamazisa yamala, kwangehla kahle lokho kuleli soka. Kuthiwa uhlasele kubo wayisoconga nodadewabo okuthiwa ubezama ukusiza.
“Besingekho ekhaya, besele bodwa nezingane njengoba thina nonkosikazi besihambele umlindelo womngcwabo wesihlobo. Kungene ucingo kunkosikazi, okuthe uma eza nalo kimi ngilalela, bekuyizwi lowesilisa lisitshela ukuthi nakhu oNomvula bemfonela bethi bayahlaselwa,” usho kanje.
Uthe obefona ubatshele ukuthi ngesikhathi uNomvula ethi bayahlaselwa, kube nowesilisa ozwakale emphuca ucingo wathi angabe esazihlupha ngoba vele usembulele, wavala ucingo.
UNomvula kuthiwa washonela endaweni yesigameko, kwathi uThandolwethu washonela esibhedlela ngoLwesine olwedlule emva kwezinsuku ezine engeniswe kuso.
UZulu uthe amadodakazi adutshulwa entanyeni. UThandolwethu wakwazi ukulandisa amaphoyisa ngakho konke okwenzeka ngaphambi kokuthi ashone, nokuyilapho kuvele khona igama lombulali.
Uthe abakutholile ukuthi lo mlisa wangqongqoza efuna kuphume uNomvula kodwa wanqaba (uNomvula), ekhala ngokuthi kusebusuku futhi usele nezingane ngakho ngeke akwazi ukuphuma azishiye zodwa. Kuthiwa leli soka labulala iwindi lagulukudela ngaphakathi endlini nokuyilapho ladubula khona uNomvula. Kuthiwa ngesikhathi esephuma ehamba, okukholakala kuthi wayezitshela ukuthi useqedile ngaye, uNomvula wamemeza ecela usizo. UThandolwethu wazama ukuzomsiza, umbulali wabuya wamqedela ngaphambi kokuthi adubule ephindelela nakuThandolwethu.
UZulu uveze ukuthi leli soka kuthiwa labonakala ligibela izimoto ezibheke eThekwini okukholakala ukuthi libhace khona emva kokugila lo mkhuba. Kuthiwa lantshontshe namafoni abagilwa.
Kuvele ukuthi uThandolwethu bekungakapheli isikhathi esingakanani ebuyile emva kokuqeda ukubhala njengoba ubeyisitshudeni esenza unyaka wokuqala Ongoye.
UMnuz David Xulu, ongomunye wabaholi emphakathini kulesi sigodi, ubabaze ubuhlungu obuzwiswe lo mndeni wumsolwa.
“Siyasiqala isenzo esinje endaweni, sokubulawa kwamalungu omndeni owodwa kanyekanye. Izigameko ezinjengalezi sizigxeka kakhulu futhi zenzeka ngesikhathi lapho kuqwashiswa ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Asikho isidingo sokusebenzisa indluzula uze ubulale uma kunokungaboni ngaso linye, kumele kuxoxwe wamukele kudlule,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMelmoth avule amacala okubulala kanti umbulali ufunwa uthuli ngamaphoyisa.