LIDLONDLOBALA ngamandla ibhizinisi lomlimi ofuye izinkomo zobisi kulandelela ukungenela komasipala noxhaso. UMnuz John Nhleko waseWashbank, ongumnikazi weMjonaiza Dairy Farm, usenezinkomo zobisi ezingaphezulu kwe-70.
Uthe umkhiqizo wakhe wobisi usewuphakela inkampani enkulukazi i-Orange Grove, ezinze eDundee, eyenza imikhiqizo ehlukene yobisi okubalwa iyogathi, ubisi, amasi nokunye okuningi.
UNhleko ngesikhathi evakashelwe yiMeya yaseMzinyathi uMnuz Petros Ngubane uveze ukuthi ukuphakela u-Orange Grove bekuyiphupho kodwa ebelingeke lifezeke ngaphandle koxhaso lomasipala.
Echaza uNhleko ngokuqala leli pulazi ngo-2021 uthe wayenezinkomo eziwu-15 nje kuphela.
UMzinyathi Development Agency okuwuphiko olungaphansi kukamasipala lokuxhasa amabhizinisi abasafufusa lwamxhasa ngezinkomo eziwu-60. Lwaphinda lwamfaka ukuba abe yingxenye yabalimi abaphakela u-Orange Grove ngobisi.
"UMzinyathi ufike ngesikhathi esinzima kungenzeki lutho wangisiza ngoxhaso lwezinkomo, waphinda wangisiza ngokudla kwazo.
“Kuthe sengikutshalile ukudla kwezinkomo sekufanele sivune ummbila wacishe woma, sishoda ngemishini yokuvuna.
“Umasipala wasikhulumela noMnyango wokuThuthukiswa koMnotho wasithengela umshini wokuvuna,“ kusho uNhleko.
Eqhuba uthe njengoba kunenkinga yokucima kukagesi umasipala uphinde wabatakula nge-generator kwazise ithange okugcinwa kulo ubisi lidinga ukuthi lihlale libanda ukuze lungavuthwa.
UMnuz Senzo Ntombela ongu-Chief Operations Officer woMzinyathi Development Agency, uthe babonga ithuba abalinikwe wumasipala ukuze basize osomabhizinisi abangabodwana njengoba ubugxile ekusizeni imifelandawonye.
IMeya uNgubane uthe kuyajabulisa ukubona osomabhizinisi abaxhaswe umasipala bendlondlobala.
"Baningi esibaxhasile, kukhona nabanye abatshale imifino asebefakela izitolo ezinkulu. Omunye oseMuden wenza amabhala, siyafisa nentsha yethu isike iphethini kuNhleko ifunde ukuzakhela imisebenzi.
“Sizosondela njengomasipala uma sebeqalile abantu kwakhona abakwenzayo njengoba senzile nakuNhleko," kusho iMeya uNgubane.