USATHUKILE namanje owesilisa waKwaNxamalala, eNkandla uma ecabanga ngobuqhawe abenze ngoLwesihlanu olwedlule, etetisa owesifazane amawele kulandela ukungalutholi usizo emtholampilo wendawo.
Lesi sehlo senzeke esangweni lasemtholampilo KwaNxamalala, emva kokuthi abahlengikazi bale baphetha ukusiza lona wesifazane obesikwa.
Elandisa ngesigameko uMnuz Simphiwe Ndlovu (38), ongunogada, uthe ubethi uziyela esitolo ukuyothenga i-airtime namakhandlela ngesikhathi ekhangwa umsindo wowesifazane obekhala ubumayemaye, ecela usizo.
“Ngendlela abekhala ngayo, ibingekho indlela yokuthi ngingaqinisa ikhanda, ngiqhubeke nohambo lwami,” kusho uNdlovu.
Uthe ngesikhathi esondela emotweni eyiveni, uthole owesifazane nomshayeli, kwamcacela ukuthi kubi.
Uveze ukuthi ugijime waya konogada bomtholampilo, wabacela ukuthi bayovusa abahlengikazi ngoba kunesimo esiphuthumayo.
Uthe babuyise impendulo ethi ‘abasebenzi ebusuku bona’.
Uqhube wathi umpongoloze kwaduma izihosha, ecela usizo komakhelwane.
Abanye ubethi mayebatshela ukuthi abasondele kuzosizwa owesifazane osikwayo, bathwale izandla ekhanda, bathi bayesaba ngeke bakwazi.
Uthe kuthe uma ebona ukuthi kuyonakala evenini, wasizana nomshayeli ukuthi kundlalwe ublankethi ngemuva evenini, yabe iza ingane yokuqala.
“Sikhongozele ngezandla sinomshayeli, senzela ukuthi ingane ingashayeki phansi, ihuzuke.
“Besithi sesiqedile kodwa owesifazane wathi kuseza enye ingane. Nayo siphinde sayikhongozela,” kusho uNdlovu.
Uthe ngesikhathi eqeda ukuteta owesifazane, uqale phansi wayofuna usizo emakotishini aseduze, nokuyilapho okuphume khona owesifazane.
Nalona ophumile naye ubekhulelwe, walekelela ngokuthi ashayele imoto iye komunye umtholampilo njengoba umshayeli bese zingcolile izandla zakhe engeke akwazi ukushayela.
Uthe yena akabange esahamba nabo, wagoduka waya ekhaya.
Echaza ngesizathu esenza ukuthi afake isandla ekuteteni kowesifazane, uthe akasilona uhlobo lomuntu oluvele lufulathele uma kufuneka usizo.
Nokho uveze ukuthi nakuba enezingane ezintathu, ubengakaze atetise.
“Ngiye ngiqikelele ukuthi ngiqaphela izinsuku zakhe (unina wezingane) zokuya emtholampilo, ngimeseke kulokho.
“Noma sekusondela isikhathi sokuteta, ngiye ngiqinisekise ukuthi okuningi kumi ngomumo ukuze uma eqala esikwa, ngimphuthumise esibhedlela,” usho kanje.
Usigxekile isenzo sabahlengikazi baKwaNxamalala, ethi indlela abaziphathe ngayo ayamukelekile.
“Ubengafa nokufa lona wesifazane ngenxa yesenzo sabo. Ekumsizeni kwami, ngibhekise kimi ukuthi ngingenzenjani uma isinqandamathe sami noma udadewethu ehlelwa yinto efana nale.
“Kubuhlungu ukukhala komuntu enganakwa,” kusho uNdlovu.
Uthe akakaze axhumane nowesifazane ukuzwa ukuthi kwahamba kanjani esefike emtholampilo omnike usizo.
Kuvela ukuthi lo mtholampilo uvalwa ngehora lesine ntambama, kanti amanye amanesi ahlala ngaphakathi.
Isolezwe lizamile ukuthola owesifazane kodwa ucingo lwakhe beluvaliwe, olukayise wamawele lungenile, washiya angalazi, ebuza ukuthi intatheli iyithathephi inombolo yakhe.
Akagcinanga lapho, uphinde wathi konke kuhamba kahle, akukho akubona kungahambi kahle ngokuthi amawele atetelwe esangweni lomtholampilo.