USAQHUBEKA nokwelashwa namanje esibhedlela undunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi (94), okuthiwa uxinwe yizinhlungu eziseqolo.
UButhelezi, ongumsunguli we-IFP, ungeniswe esibhedlela ngesonto eledlule.
Izolo ihhovisi likaButhelezi, lithe akukho okusha ngesimo sakhe. Okhulumela ihhovisi likaButhelezi, uNksz Liezl Van Der Merwe, uthe umndeni uzokwenza isimemezelo uma kukhona okusha.
“Engingakuqinisekisa wukuthi usaqhubeka nokwelashwa esibhedlela.”
Ngokwencazelo kaNksz Van Der Merwe, uButhelezi waqala wangeniswa esibhedlela ukuba ayoxilongwa ngokwejwayelekile, wabuye wadedelwa.
Uthe ngeledlule uButhelezi ungeniswe esibhedlela futhi, ukuze axilongwe abese ekwazi ukuthola nethuba lokwelulama.
UNksz Van Der Merwe, ugcizelele ukuthi isimo sikaButhelezi kasikho bucayi.
Ngonyaka owedlule uButhelezi uke wangeniswa esibhedlela kepha wadedelwa ngemva kwezinsukwana.
Kusukela kwaqinisekiswa izindaba zokungeniswa kukaButhelezi esibhedlela, izinhlangano ezahlukene zithumele imiyalezo emfisela ukwelulama ngokushesha.
Phakathi kwalabo abathumele uButhelezi izilokotho ezinhle kubalwa ihhovisi leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, namaqembu ezepolitiki i-IFP, ANC, DA ne-ActionSA.
Bathumele imiyalezo emva kokuthi abantu benxuswe ukuthi bangayi esibhedlela ukuze uButhelezi athole isikhathi esanele sokuphumula, okuzokwenza ukuthi alulame ngokushesha.
Ngempelasonto, u-Archbishop Thabo Makgoba webandla i-Anglican Church, unxuse isizwe ukuba sikhulekele uButhelezi.
UMakgoba, obethula inkulumo yosuku esifundweni esingempilo kaButhelezi, oLundi, wathi isizwe sisamdinga undunankulu kaZulu.
Umcimbi ubuhlelwe uMasipala waseZululand, ubuwandulela umqhudelwano webhola oqanjwe ngoButhelezi, iPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup.
UMakgoba utshele abebehambele umcimbi ukuthi uthole ithuba lokuthi ayobona uButhelezi esibhedlela ngaphambi komcimbi.
“Ngikujabulele ukuchitha isikhathi naye. Nginxusa isizwe ukuba sikhulekele ukuthi alulame ukuze aphume esibhedlela.”
UMakgoba uthe uButhelezi uyingxenye ebalulekile yebandla.
“Ubambe iqhaza elibalulekile ebandleni. Ungomunye wabantu basebandleni abasebenzela ibandla ngokuzimisela. Ngonyaka ka-1963 waqopha umlando ngesikhathi eba ngumuntu omnyama wokuqala ukuyomela i-Anglican Church of Southern Afrika, eToronto (eMelika).”
Abebekhuluma emcimbini batuse igalelo likaButhelezi ekuthuthukiseni elakuleli.