USEZOKWAZI ukukhethelwa esigungwini esiphezulu se-ANC uMnuz Tony Yengeni, obevalwe yikomiti lezokhetho kwi-ANC ngoba wake walahlwa ngamacala eminyakeni edlule.
UYengeni obhalele leli komiti eliholwa nguMnuz Kgalema Motlanthe, efuna sibuyekezwe lesi sinqumo, uthole incwadi evela kulona limazisa ukuthi sesiguquliwe isinqumo, usezokwazi ukukhethelwa esigungwini engqungqutheleni eqala ngoLwesihlanu, eNasrec eGoli.
Engqungqutheleni kuzokhethwa ubuholi obusha.
Ababanga esokuhola le nhlangano nguMengameli Cyril Ramaphosa, ofuna ukuthatha ihlandla lesibili, noDkt Zweli Mkhize oke waba ngungqongqoshe wezempilo kuleli.
UYengeni ubesabise ngokuthi uma kungukuthi ikomiti kalisiguquli isinqumo, uzothatha izinyathelo zomthetho.
Encwadini uMotlanthe uthe emuva kwesikhalo banqume ukuguqula isinqumo sabo njengoba noYengeni echazile ukuthi usefana nomuntu ongakaze alahlwe yicala, ngoba wasulwa nasemabhukwini abantu abake balahlwa ngamacala emuva kokufaka isicelo eMnyangweni wezoBulungiswa.
“Ngifuna ukukwazisa ukuthi usuvumelekile ukuthi ukhethelwe esigungwini esiphezulu se-ANC, engqungqutheleni kazwelonke ka-55.”
Akuyena kuphela uYengeni obevinjiwe kodwa noNksz Bathabile Dlamini, uvaliwe ukuthi akhethelwe kulesi sigungu ngoba walahlwa ngamacala okuqamba amanga efungile enkantolo.
Ekhuluma neSABC uYengeni, uthe ujabule ngesinqumo ngoba icala abevalelwe lona lenzeka kudala.
Uthe umangele ngoba leli komiti kalizange lenze umsebenzi walo ngendlela.
“Kukhona abebefuna ukungicekela phansi, bangehlise isithunzi kuleli komiti. Iyangidina indaba yokuthi kuvuswe izinto ezindala ukuze ngivaleleke ngaphandle. Umonakalo usuwenzekile, amalungu asazi ukuthi akumele ngikhethelwe kulesi sigungu, sekusele izinsukwana ngaphambi kwengqungquthela.”