UBHONGOZA weWest, okuyiqembu lemigulukudu elisolwa ngokudubula libulale ababili ebebesohlakeni olulwa nobugebengu eNewtown C eNanda, usalokhu efika ngaphandle komuzi woyedwa wabafi.
Lokhu kuvezwe ngelinye ilungu lomndeni wakwaMbambo, elicele ukungadalulwa ngenxa yokuzibona lingaphephile, izolo ngesikhathi bevakashelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
UNkk Dube-Ncube ubehambele imindeni emithathu yalabo abadutshulwe babulawa besekhaleni lokulwa nobugebengu eNanda naseVerulam.
Esigamekweni esenzeke ngeSonto kudutshulwe kwabulawa u-Avela Nomphahla (30) ezilolonga nabanye enkundleni yemidlalo.
Esigamekweni sesibili (naso esenzeke ngeSonto) kungenelwe uMzwandile Mbambo (60) emzini wakhe wadutshulwa ngabasolwa phambi kwabazukulu nonkosikazi.
Kwesinye esenzeke ngoMsombuluko eWaterloo, eVerulam, kudutshulwe kwabulawa uMajola weCommunity Policing Forum (CPF) igama lakhe elingatholakalanga.
Kuthiwa uhlaselwe ngababulali esematasa ephelezela amalungu omphakathi eyogibela eya emsebenzini ezama ukuthi aphephe.
"Uyafika zonke izinsuku u... (Egagula ubhongoza ngegama), afike ame la ngenhla komuzi. Ufika ngezimoto ezehlukene. Lokhu ukwenza zonke izinsuku selokhu kwabulawa umufi (uMbambo)," kusho ilungu lomndeni.
Umsunguli weThekwini Neighbourhood Watch, uMnuz Andile Jali, uthe bazisiwe ngalokhu.
Uqhube wathi indlela abahlaselwa ngayo yimigulukudu idweba isithombe sokuthi abaphephile kangakanani bengamalungu ezinhlangano ezilwa nobugebengu.
"Phela thina siyisithiyo esibavimba ukuthi bangakwazi ukufinyelela kubantu ukuze babagcweleze," kusho uJali.
Ukhale ngokuthi indawo yonke ye-INK (Inanda, Ntuzuma neKwaMashu) ibhekene nobugebengu obuseqophelweni eliphezulu.
Uthe sekunesikhathi bexhumana nezinhlaka ezehlukene zikahulumeni okukhona kuzo yena undunankulu, uMnuz Sipho Hlomuka, ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni noMnuz Bheki Cele.
"Njengoba eza lana nje uzwelana nathi ngoba wonke umuntu ogadayo akavikelekile. Siyabonga ukuthi azifikele mathupha azozibonela ubungozi bale ndawo. Siyajabula uma undunankulu eveza ukuthi kukhona ithimba lamaphoyisa elitshaliwe kule ndawo ukuba ligade ubusuku nemini," kusho uJali.
Uthe bakuyekele kuwona amaphoyisa ukuthi ayababopha noma ayababulala njengoba nabo bebulala ozakwabo abaqaphe nabo ubugebengu.
Uthe kubajabulisile ukubulawa komunye wabasolwa ngoMsombuluko ngoba lokho kusho ukuphunguka ngasohlangothini lwezigebengu ezizenzela umathanda emphakathini.
UNkk Dube-Ncube uthe kubuhlungu ukuhlaselwa kwamalungu ezinhlaka ezilwa nobugebengu, ebulawa yizigebengu.
"Sizoqhubeka nokuletha izinsiza okufanele zibe khona. Yikho sibanike izimoto, amaselula, nezimpahla zokugqoka," kusho uNkk Dube.
Uqhube wathi basazonikwa noqeqesho lokuthi bagcine bekwazi ukubhekana ngqo nezigebengu uma ziphethe izibhamu.
Ukhale ngokwakheka kwelokishi iNewtown, wathi kufanele kube khona izindlu ezibhidlizwayo ukuze kwakheke kahle imigwaqo khona namaphoyisa ezokwazi ukuthi afinyelele kalula uma ebizelwa esigamekweni.
Uthe basezingxoxweni nemiphakathi efana nale ukuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi kudilizwe eminye yemijondolo ukuze kwakhiwe imigwaqo ukuze usizo lufike kalula.