INTSHA evela emathempelini ebandla laManazaretha (KwaShembe) iye eNkosini uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, eBuhleni yayocela isibusiso ukuze isungule isikhwama ehlose ngaso ukufukula amalungu ebandla adonsa kanzima.
Ngalesi sikhwama le ntsha ihlose ukuqala izinhlelo zokuzisebenza futhi idale imisebenzi ezofukula abantu ngomnotho ngaphakathi esontweni kuhlomule abaswele.
Bafuna nokuthi kulekeleleke intsha ithole imali ingene ezikhungweni zemfundo ephakeme nokunye.
UMnuz Zibonele Ngcobo waseNdwedwe ungelinye lamalungu asesigungwini sentsha asophe ukuqala lesi sikhwama.
Uveze ukuthi isonto lizohlonishwa umhlaba wonke uma sekuthela izithelo abahlose ukukwenza osekufike isikhathi sokuba bakuqale.
“Kumele silethe ushintsho oluzoba yingqophamlando. Okuzosilekelela ukuthi sisungule isikhwama sebandla lapho nabaxhasi bezonikela khona bese sethula izinhlelo zemfundo, ezemidlalo, imifelandawonye nokucijwa kwabantu ngamakhono emisebenzi nezolimo,” kusho uNgcobo.
Uveze ukuthi baningi abantu abanamakhono esontweni kodwa abakwazi ukuwaveza ngoba kabanalo utho.
ngeSonto, intsha iye eBuhleni yafike yanikela yase icela kuShembe ukuthi lo msebenzi ube yimpumelelo
Udaba lubikelwe umfundisi ebandleni obe eseya kolwethula enkosini uNyazi.
Intsha ithe baningi osomabhizinisi abakhona ebandleni abangafaka isandla ukuze kusizwe abaswele. Igama lesikhwama bathe bazocela enkosini kube iyona ebabusisa ngalo futhi libe nomlando wesonto.
Okhulumela ibandla lakwaShembe eBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uncome intsha wathi kabanakiwe abafelokazi, izintandane nentsha esezikoleni.
UMncwabe uthe intsha ihamba emazwini oNyazi oluhlale lugquguquzela ukuthi ibandla alisizane.
“Siyakubonga okuqhamuka nentsha kuhle. Kuke kushone iNazaretha uthole ukuthi alinamali sehle senyuka sicele iminikelo kubantu bangaphandle beze babuze ukuthi ‘leli bandla elingaka, yini eyenza lihlulwe ukusiza iNazaretha?’” kusho uMncwabe.
Ubonge intsha wathi kodwa uyazi ukuthi luzongena unyawo lwemfene ludunge lolu hlelo okuzokwenziwa abantu athe bathanda imali esontweni.
“KunamaNazaretha axakekile kodwa awasizakali ngalutho. UNkulunkulu sengathi angayisimamisa intsha kungabi khona idimoni lalabo abathatha imali ngoba uma ike yangenwa ibona, okuzanywa yintsha kuyobe kuphelile,” kusho uMncwabe.