BONISWA MOHALE
UMVIKELI woMphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane uthi uMengameli Cyril Ramaphosa wayazi ngabo bonke abantu ababenikelela umkhankaso wokuba nguMengameli we-ANC owawubizwa nge-CR17.
UMVIKELI woMphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane uthi uMengameli Cyril Ramaphosa wayazi ngabo bonke abantu ababenikelela umkhankaso wokuba nguMengameli we-ANC owawubizwa nge-CR17.
“Sasingeke sithathe lokho okwakushiwo wuMengameli Cyril Ramaphosa uma ethi wayengazi lutho ngomnikelo womkhankaso wakhe. Kwakunobufakazi bama e-mails ayetshela uMengameli ukuthi kunabantu abafuna ukunikelela. Sathola ukuthi kwaba nomnikelo kaR500 000 owawuphuma kwi-akhawunti kaMnuz Gavin Watson owayeyisikhulu seBosasa ongasekho. Sabe sesicela zonke izitatimende zasebhange ezithinta umkhankawo weCR17, sathola ukuthi kunezimali eziningi ezangena kulo mkhankaso,” kusho u-Adv Mkhwebane.
Uthe wayengenayo inhloso yokulandela uRamaphosa kodwa wathola isicelo sokuthi aphenye ngomkhankaso weCR17 kowayengumholi weDemocratic Alliance uMnuz Mmusi Maimane.
Uthe akakaze yena abe nenkinga noRamaphosa kodwa wayenza umsebenzi wakhe njengoba ejutshwe kuleliya hhovisi.
Uveze ukuthi uqale ukuthola izinsolo zokuthi akawufanele umsebenzi awenzayo emuva kokuphenya abantu akade bebonakala sengathi abafanele ukuthintwa.
“Umsebenzi wami wukufuna iqiniso ukuze ngikhiphe izinqumo ezifanele. Abanye babekhala ngokuthi ngibuthole kuphi ubufakazi bekhohlwa wukuthi ihhovisi lami liyakwazi ukucela izinhlaka ezithintekayo ukuba zilisize ophenyweni njengokuletha izitatimende zasemabhange. Ngamtshela noRamaphosa ukuthi nginabo lobu bufakazi,” kusho u-Adv Mkhwebane.
Uthe ngaleso sikhathi uRamaphosa wayeyiPhini likaMengameli kanti izincomo zakhe zasho ukuthi kwakufanele uRamaphosa asho ukuthi umkhankaso wakhe uthole malini ngoba wayazi kahle ukuthi kunikelwe malini.
Uthe akekho usopolitiki amthandayo noma amzondayo kodwa usuke enza umsebenzi wakhe.
Uveze ukuthi unawo ama-video nezinkulo eziqoshiwe lapho ecela uRamaphosa ukuthi eze azothula ubufakazi.
Uthe akakaze aqambe amanga uma enza umsebenzi wakhe futhi usebenzisana nalo lonke ithimba elisehhovisi lakhe.
Kulindeleke ukuthi u-Adv Mkhwebane aqhubeke ngesonto elizayo ukwethula ubufakazi njengoba ezobe esenkantolo namhlanje.