UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uvikele uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, kwabathi akaxoshelwe izibalo eziphezulu zobugebengu.
URamaphosa uthe izibalo eziphezulu zobugebengu kazisho ukuthi uCele uyehluleka ukwenza umsebenzi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula umbuzo obuzwe wumholi weDA, uMnuz John Steenhuisen.Impendulo kaRamaphosa ebhalwe phansi ishicilelwe kwiwebsite yePhalamende.
Umbuzo wawukade ubuzwe ngonyaka owedlule, waze waphendulwa kulo nyaka.
Izibalo zakamumva ezikhishwe nguCele zikhombisa ukwenyuka kwezinhlobo ezahlukene zobugebengu, okubalwa kuzo ukubulawa kwabantu namacala okudlwengula.
Embuzweni wakhe, uSteenhuisen wabuza ukuthi uRamaphosa ulinde ukuthi izibalo zobugebengu zikhuphuke kangakanani ngaphambi kokuthi axoshe uCele.
“Kufanele izibalo zokubulawa nokudlwengulwa kwabantu zikhuphuke zize zifike kuphi, ngaphambi kokuthi uhulumeni wakho ubone ukuthi azemukelekile, uphinde uxoshe ungqongqoshe okukhulunywa ngaye?” kubuza uSteenhuisen.
URamaphosa utshele uSteenhuisen ukuthi izibalo zobugebengu kaziyona inkomba yokwehluleka kukaCele. Uthe uhulumeni wakhe uzimisele ukunqoba impi yobugebengu.
URamaphosa uthe kuyijoka lawo wonke umuntu ukulwa nobugebengu.
“Imiphakathi kufanele ibambisane empini yokulwa nobugebengu esikhathini esiningi, obudalwa yizimo zenhlalo yomphakathi nezomnotho.
“Yonke iminyango kahulumeni namabhizinisi kahulumeni kuneqhaza okufanele alibambe ekunciphiseni ubugebengu nasekuvikeleni labo abangakwazi ukuzivikela.
“Kanjalo nezinhlangano zamalungelo abantu, ezepolitiki nezinhlaka zomphakathi nazo zineqhaza elibalulekile okufanele zilibambe. “Ukubambisana kungalekelela ekuqedeni ubugebengu.”
Ngonyaka owedlule iDA iqale umkhankaso wokuthi uCele axoshwe, imsola ngokwehluleka ukwenza umsebenzi.
Le nhlangano imashele emahhovisi kaCele, ePitoli, ifuna ukuthi esule esikhundleni.
Phakathi kwezikhalo zeDA yizinga eliphezulu lobugebengu, ukubambezeleka kwamacala ngenxa yokungahlolwa ngesikhathi kolibofuzo.
USteenhuisen waphinde wasola uCele ngokwehluleka ukunqanda izibhelu eziqubuke KwaZulu-Natal nasezingxenyeni ezithile eGauteng.
Izibhelu zango-2021 ziholele ekucekelweni phansi kwempahla, ukutapa ezitolo futhi zadlula nemiphefumulo engaphezu kuka350.
USteenhuisen uthe kuyabaxaka ukuthi kungani uCele engakaxoshwa namanje.
“Okusimangazayo wukuthi uRamaphosa wenza isethembiso sokuthi uzoqeda ubugebengu. Wathembisa ukuthi uzonciphisa izinga lokubulawa kwabantu, avikele abesifazane nezingane odlameni lwezobulili. “Manje kungani engafuni ukuxosha lo muntu oyimbangela yalezi zinkinga?”