UPHIKO lwamaphoyisa olubheka izinto zomgunyathi, nezingekho emthethweni, lushaqe izimpahla zomgunyathi izolo ezitolo eziyisithupha zabokufika enkabeni yeTheku.
Kulezi zimpahla kubalwa ezokugqoka, amawashi kanokusho nezinto zokugcoba kukonke kungabiza u-R15 million. Kuphindwe kwavundululwa nenqwaba yamagumbi, amanye abevaliwe lapho abagcina khona izimpahla.
Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi kuboshwe abasolwa abane njengoba esaqhubeka nokuphenya. Kuqinisekiswe nokuthi bonke laba ezibakhalele bangabokufika kuleli futhi kusazobhekwa ukuthi abekho yini kwelakuleli ngokungemthetho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe esikhathini esiningi bancinzwa indlebe ngalezi zimpahla ngesikhathi zisafika echwebeni.
“Lokhu kuhlola esikwenzayo kuyasisiza ukuthi sikwazi ukuzithola ezinye zezimpahla ezingekho emthethweni. Asigcini namhlanje kuphela ukuzokwenza lokhu kuhlola kepha nakulabo esingakafiki kubona, siyeza,” kusho uCol Netshiunda.
Uthe izimpahla abasuke bezishaqile bayazigcina endaweni egadwe amaphoyisa.
“Lezi zimpahla sizigcina njengobufakazi njengoba kunabasolwa abane esibabophile. Uma icala seliphothuliwe sizobe sesizilahla ngendlela efanele. Izwe lilahlekelwa imali eningi ngenxa yalezi zimpahla zomgunyathi,” usho kanje.
Omunye wabokufika odabuka eSenegal, ongathandanga ukudalula igama lakhe, utshele Isolezwe ukuthi kumphatha kabi ukushaqwa kwempahla esitolo sakhe.
“Ngilahlekelwe yimali eningi, uyabona nawe. Akukho engingakwenza. Bathathe yonke impahla yami, kubuhlungu,” usho kanje.
Khonamanjal,o umphakathi waseBronkhorstspruit, eTshwane, uvuke umbhejezane washisa izitolo zabokufika ngemva kwezinsolo zokuthi izingane zidle ama-chip omgunyathi eziwathenge kumdayisi wasemgwaqweni ngasesikoleni samabanga aphansi eZithobeni.
Zibalelwa ku-25 izingane eziphuthunyiswe esibhedlela emva kokusolakala ukuthi zidle ukudla okunoshevu ngoba zitshengise izimpawu zokulunywa yizisu emva kwemizuzu engu-30 zidle lokhu kudla. NaseSharpville bekwenzeka okufanayo abantu bevuke indlobane ngendaba yabokufika abasolwa ngokudayisa ukudla okudlulelwe yisikhathi okunye okungenayo imibhalo ekhomba ukuthi kuphelelwa nini yisikhathi.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMnuz Matome Chiloane, uthe uphenyo luyaqhubeka.
“Abomthetho kanye neziphathimandla zezempilo zenza uphenyo ngalesi sigameko ukuze kutholakale ukuphepha kwemikhiqizo edayiswa abadayisi basemgwaqweni futhi kugwemeke ukuthi kungenzeki esikhathini esizayo,” usho kanje.