UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uhlabe ikhwelo kubaholi bomdabu ukuthi bashumayeze ivangeli lokuthula kanjalo nokubekezelelana uma kukhankaswa njengoba kuzovotwa ngoMeyi 29.
URamaphosa uthe abantu kumele bakhululeke futhi bavotele noma ngubani, bangakhethelwa abaholi ukuthi yiliphi iqembu okumele balivotele.
“Ingakho sinxenxa abaholi bomdabu ukuthi bashumayeze leli vangeli ezindaweni abezangamele njengoba seluphumile usuku lokhetho. Abaholi abahlukene bazoza ezindaweni eziphethwe ngamakhosi beyokhankasa, kwabona abatshelwe ukuthi kumele bakhankase ngokuthula bangaxovi,” kusho uRamaphosa evula iNdlu yobaHoli boMdabu namaKhoi-San, eMkhandlwini wezifundazwe ePhalamende eKapa izolo.
Uthe akusekho ukujikela emuva ngokhetho njengoba kuwusuku obelubhekwe ngabomvu.
“Abantu bakuleli bazobe bevotela uhulumeni okwesikhombisa ngaphansi kwentando yabantu. Lokhu kuhambisana nemigubho yeminyaka engu-30, kwatholakala inkululeko. Yingakho sinxenxa abaholi bomdabu ukuthi bagqugquzele abantu ukuthi baphume bayovota.”
URamaphosa ugxeke nokubulawa kwabaholi bomdabu, ikakhulu KwaZulu-Natal, wathi bakhathazekile ngalesi sihlava.
“Sikhathazekile ngokubulawa kwabaholi bomdabu, ikakhulu eKZN. Siyalele abezomthetho ukuthi babophe noma ngubani othinteka kulokhu kubulawa kwabaholi bomphakathi.”
Usho lokhu nje babalelwa ku-29 abaholi bomdadu okuhlanganisa amakhosi nezinduna, asebebulewe esifundazweni, eminyakeni emithathu edlule.
Amaphoyisa athi ukubulawa kwabo kuhlanganisa izinto eziningi, ezithinta umbango wezikhundla, umbango wendawo, umbango othinta amabhizinisi nokunye.
URamaphosa ukhumbule iqhaza lomsunguli we-IFP ongasekho, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, wathi likhulu igebe alishiyile ebuholini bomdabu.
Uthe uShenge ubehlale ekhona uma kuvulwa iNdlu yabaHoli boMdabu.
“Ubehlale ezosho okuthile uma kunenkulumompikiswano ngezithinta abaholi bomdabu. Iqhaza lakhe liyabonakala njengoba engasekho. Siyohlale sibukhumbula ubuhlakani bukaMntwana.”
Ubuye wanxenxa laba baholi ukuthi babambe iqhaza ekulweni nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane lapho bebusa khona.
“Le ngenye yezinselelo esibhekene nazo siyizwe. Kudingeka sibambe imikhankaso lapho sihlala khona yokugqugquzela abesilisa ukuthi kuliwe nalesi sihlava.”
Uzwakalise ukukhathazeka ngezingane zesikole azibona zeqa imifula eyingozi uma ziya esikoleni.
Uveze ukuthi yingakho befuqa umkhankaso wokwakha amabhuloho abizwa ngeWelisizwe ukuze kuqedwe ngale nkinga.
“Angu-96 amabhuloho afuze lawa esiwakhayo kuleli, amanye asephelile kanti amanye awakapheli. Siyaqhubeka nokwakha amanye ngoba iyangikhathaza eyokubona izingane ezincane zewela imifula eyingozi uma ziya ezikoleni.”
Uzwakalise ukukhathazeka ngabafana abaya entabeni beyosokwa abagcina ngokuthi babuye sebeyizidumbu emakhaya.
“Kumele igqugquzelwe eyokuthi noma lenziwa isiko lokusoka kodwa abafana babuye bephila njengoba besuke behambe bephila. Iyasikhathaza eyokuthi abanye babo ababuyi emakhaya besaphila ngoba bafa besokwa.”